OWAYENGUMENGAMELI, uMnuz Thabo Mbeki, uxwayisa ngokuthi kunenhlekelele enokwenzeka noma yinini eNingizimu Afrika uma isimo singalungiswa.
Ethula inkulumo yakhe emcimbini obuhlelwe yiphephandaba langeSonto lapho bekuhlonishwa khona izinkampani eziwu-100 ezinkulu ezenza kahle ngoLwesibili ebusuku, uMbeki uthe lizonyuka izinga lokungagculiseki kubantu okuzoholela ekutheni kube khona imibhikisho eminingi.
“Kumele sisukunyelwe ngokushesha lesi simo kungaze kufike esigabeni lapho kuthiwa izwe alisalawuleki khona,” kusho uMbeki.
Uthe kumele kugadwe ukuthi kungabi khona umphefumulo ophumayo uma kunemibhikisho.
“Akumele sikhohlwe yindaba yaseMarikana kodwa futhi akumele sihlale sinethezeke kube konakala,” kusho uMbeki.
Uthe akafuni ukuzwakala njengomuntu owenza ihaba nodala ukuthi abantu bathuke isidingo singekho.
INingizimu Afrika ingakwazi ukuhlangabezana nezinselelo ebhekene nazo.
UMbeki ukhale ngesihlava esihlasele osopolitiki sokusebenzisa amandla abo ngendlela engafanele.
Okunye okumphatha kabi wukusetshenziswa kwezinhlaka ezizimele zikahulumeni ngosopolitiki ukufeza izinhloso zabo.
“Izinhlaka zikaChapter 9 kumele zisebenze ngokuzimela osopolitiki bangagxambukeli ekusebenzeni kwazo ngoba lokho kungadala ukuthi umphakathi ukungabaze ukwethembeka kwazo,” kusho uMbeki.
“Kodwa ngiyajabula ngoba uKhongolose ubukeka sengathi uyayisukumela le nkinga. Okunye engikubonayo wukuthi sengathi osopolitiki sebekhohliwe wumsebenzi wabo wokubhekela umphakathi sebejaha ukuzinothisa bona.”
INingizimu Afrika ingene shi ezinkingeni zokunganambithiseki kwesimo sepolitiki nokuntenga kwesimo somnotho.
UMbeki wahoxiswa esikhundleni sobumengameli kuKhongolose engakasiqedi isikhathi sakhe ngemuva kwezikhalo ngaye.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe uyavumelana noMbeki ngesixwayiso sakhe.
“UMbeki uyihlabe esikhonkosini. Uma ubheka imibhikisho ekhona emphakathini nowabafundi konke lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi kukhona isimo esihleli phezu kwaso esingabheduka noma inini,” kusho uKhumalo. Uthe okumkhathazayo ngukuhudula izinyawo kwe-ANC ekulungiseni isimo.