.
SEKUBALWA izinsuku ukuthi itheleke eNingizimu Afrika iNissan GT-R ezobiza ngaphezulu kwesigidi samarandi. Le moto izotholakala nakwamanye amazwe njengaseJapan nase-England
SEKUBALWA izinsuku ukuthi itheleke kuleli entsha ceke iNissan GT-R ezofika maduze kule nyanga ephezulu. Angazi noma kufanele ngithi izindaba ezimnandi yini noma ezingezinhle, kodwa iqiniso ukuthi le Nissan akuzoba ekanoma ubani ngoba izobiza ngaphezulu kwesigidi. Uzozibuza uziphendule ukuthi ungaze ukhiphe isigidi nangaphezulu ngeNissan nje ngoba kwenze njani.
Lo wombuzo bawuphendula kalula kwaNissan ngoba le GT-R inamandla angu 397kW, baphinde balehlisa izinga lokusebenzisa upetrol kanjalo nesisi esingcolile esikhiqizwa yimoto basehlisile. Zonke izinhlobo zayo ziphuma nekhamera ngemuva.
Iyimoto yomjaho enazo zonke izinto ozithola ezimotweni zejubane ongeke wazithola ezimotweni ezijwayelekile.
Olunye ushintsho abalwenzile lusenjinini, uchassis kanye nakwi transmission.
Le GT-R ebizwa entsha ceke ithatha izimoto zomjaho ezakhelwe ijubane izibeke kwelinye izinga.
Kwa Nissan bathi ngesikhathi yethulwa i-GT-R yembula ikhasi elisha ezimotweni zejubane, yakhiwe ngendlela yokuthi ibambelele emgwaqeni nabashayeli bayamukela ngezandla ezimhlophe.
Akuzoba iNingizimu Afrika kuphela ezothola leli bhanoyi laphansi, kodwa ne-England neJapan bazothola lena ebizwa nge “ TRACK PACK” ekahle kakhulu kwi- Spec_V model kodwa nayo okusuke kuseyi GT-R kodwa edle ngokuba ncanyana futhi ilayisha abantu ababili.
Indlela esebenzisa ngayo upetrol ithe ukwehla uma kuqhathaniswa nendala ebidla amalitha angu 12 ngo 100km, njengoba lena entsha isebenzisa amalitha angu 11.8 ngebanga elifanayo.
AKUMANDLA KUYAFIWA
Amandla enjini anyukile esuka ku 390kW bawabeka ku 397kW kwase kuthi itorque nayo balinyusa izinga layo isuka ku 612Nm bayibeka ku 628Nm.
Noma kungekho okwamanje kuleli oseyizwile le moto yakwa Nissan unika isiqiniseko sokuthi indlela injini enamandla ngayo izwakala noma ihamba ngejubane eliphansi.
Ngaphambili ohlangothini lomshayeli bazinike isikhathi ukuyenza base benza nesiqiniseko sokuthi zonke izinto bazenza ziqondane nomshayeli.
U-dashboard ukhanya bha ngombala oluhlaza okwesibhakabhaka okwenza uma uhleli ngaphambili uzizwe kube sengathi usebhanoyini.
Zonke izinhlobo zizophuma nekhamera yangemuva esiza umshayeli ukuthi akwazi ukubona konke okwenzekayo ngemuva kwemoto.
Ziningi izinto ezidle imali ngendlela engacacile kule GT-R njengomsindo (iradio) wakhona owuhlobo olusha lwe Bose® Precision engatholakali lapha eNingizimu Afrika.
AMANANI
2012 GT-R Premium Edition R1,347,000
2012 GT-R Black Edition R1,397,000
|
|
Sphe, wrote
Ive seen this car in cycad centre in polokwane yesterday! It was red in colour , i was like wow! and the guy driving it said exactly the amount mentioned above! This is WOW!
Showing items 1 - 1 of 1
Services
Comment Guidelines