‘Akumashelwe isikhungo’

Comment on this story
no Copy of ST Ant JZ court 07 INLSA ABALANDELI be-ANC abaqhamuke enkantolo yaseGoli nomdwebo kaMengameli Jacob Zuma ohlukile kunalona omhlabalazayo. Lona abawuphethe ubuveza uZuma egqokile kwesingenzansi ehloniphekile. Isithombe: ANTOINE de Ras

UNOBHALA-Jikelele we-ANC usehlabe ikhwelo kuzo zonke izakhamizi zakuleli ukuthi zingenele imibuthano yokumashela isikhungo okugcinwe kuso umdwebo oveza ubuntu bukaMengameli Jacob Zuma obala.

UMnuz Gwede Mantashe ukusho lokhu izolo ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseGoli lapho obekuqhubeka khona ukulalelwa kwesicelo se-ANC sokuthi lo mdwebo ususwe.

“Asibuvikele ubu-Afrika siqikelele ukuthi isiko lethu alibukelwa phansi,” kusho uMantashe obememeza phambi kwezinkumbi zabalandeli be-ANC.

Uthe lesi sithombe sikhombisa ukungalihloniphi ngisho iHhovisi likaMengameli uqobo.

Khonamanjalo, kusasa kuhlelwe ukhukhulelangoqo wemashi eThekwini egqugquzelwa ngabeSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards ngenhloso yokuzwakalisa ukungenami ngalomdwebo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.