MALIBONGWE MDLETSHE
IKHUZA ukwenyuka kwamaphaphu ngenxa yentokozo kubalandeli bamaBhokobhoko inkakha eyanqoba iNdebe yoMhlaba ngo-1995 naleli qembu, uMark Andrews.
Lolu ngqwazi lwe-lock luthi isikwati sikaHeyneke Meyer (osesithombeni) senze kahle kakhulu kule midlalo emibili yeCastle Incoming Tour ngokushaya i-England kodwa abalandeli bangaqale bajuxuze leli qembu lingakabhekani nezingqungqulu zomhlaba kuCastle Four Nations.
KuFour Nations, ezoqala ngo-Agasti, amaBhokobhoko azogadulisana nompetha bomhlaba iNew Zealand, Australia ne-Argentina.
“Isikwati sikaMeyer sidlale kahle kakhulu siqala nje ukudlala ndawonye ngaphansi komqeqeshi omusha kodwa kumele singajabuli sizephule ngoba ne-England ayidlalanga umbhoxo olindelwe kuyona njengeqembu ebelidlala kuSix Nations. Ubuhle besikwati sikaMeyer buzocaca ngeFour Nations,” kusho u-Andrews.
AmaBoks azogadulisana ne-England emlenzeni wesithathu wochungechunge lweCastle Incoming Tour eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi kusasa ngo-5 ntambama.
U-Andrews uthe nakanjani ukungabi khona kuka-Alberts, obe ngumdlali ovelele emlenzeni wokuqala washaya ne-try okube ngeyesibili ngempelasonto, kuzowavula imbobo amaBhokobhoko.
“U-Alberts ungena kahle esitayeleni sikaMeyer, onguchwepheshe wokudlala ngabadlali baphambili. Ukungabi khona kuka-Alberts kuzoba ngesinye isivivinyo kuMeyer ikakhulukazi ngoba lo mdlali ubevele azana noMarcell Coetzee,” kusho u-Andrews.
Okunye okubalulekile okubalulwe yile nkakha wukuthi namaNgisi ngeke akuvume ukuthi acoboshiswe yiqembu eliluhlaza njengamaBhokobhoko.
“Azokwakhela phezu kwazo izinguquko ezizoba kumaBoks ngoMgqibelo amaNgisi ngoba ngeke avume ukubuyela ekhaya evithiziwe. Nasemuva ukushintsha uPat Lambie ngo-Gio Aplon kuzoba nomehluko wakho kodwa yithuba leli lokuthi naye azibonakalise,” kubeka u-Andrews.
Ezimnandi kubadlali bamaStormers wukuthi ukaputeni wabo uJean de Villiers usezosithatha ngokusemthethweni isikhundla sokuhola amaBhokobhoko kanti no-Joe Pietersen uzodlala umdlalo wakhe wokuqala kumaBoks.
Khonamanjalo amaBaby Boks azogadulisana neNew Zealand kowamanqamu e-Under 20 IRB World Junior Championships eNewlands Stadium, eKapa, namuhla, ngo 6.45 ebusuku.
Iqembu likaJohn Smit iBarney’s Army izodlala neqembu lesibili lamaSharks emdlalweni wokuvalelisa leli Bhokobhoko eMr Price Kings Park, namuhla ngo-7.05 ebusuku.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services