INLSA
IMEYA kamasipala weTheku uMnuz James Nxumalo neMenenja yawo uMnuz Sibusiso Sithole abacacisanga ukuthi uyodedelwa mhla zingaki umbiko wenkohlakalo yamathenda iManase Report. ISITHOMBE: GCINA NDWALANE
SIMPHIWE NGUBANE
UMASIPALA weTheku ubhala uyacisha ngokuphumela obala mayelana nezinyathelo ezizothathelwa labo okuvela amagama abo embikweni kaManase obuphenya ngenkohlakalo yamathenda nokusaphazwa kwezimali okuthiwa kwakwenziwa kulo masipala.
Izolo bekulindelwe ngamehlo abomvu ukuthi iMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo (osesithombeni) izokwenekela izwe ngebanga eselihanjiwe ekuthathelweni izinyathelo kulabo abathintekayo kulo mbiko. Esikhundleni sokuthi acacise ngezinyathelo ezizothathwa, uNxumalo ubeke imbiba nebuzi ekhala ngokuthi akukakabi isikhathi esikahle sokukhipha umbiko wophenyo lwangaphakathi.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba eCity Hall, uNxumalo, uthe umasipala usuqale uhlelo lwangaphakathi lwesigcawu sokuqondisa izigwegwe labo amagama abo avela kulo mbiko. Uthe ukukhipha lo mbiko manje kungase kufake ingcindezi kuzo zonke izinhlaka ezithintekayo.
“Lo mbiko uqukethe izincwadi ezifungelwe nemininingwane yabantu abahlaba umkhosi bebika ngezigameko zenkohlakalo abangase babizwe ukuze bezokwethula ubufakazi kulesi sigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe. Okunye okumqoka wukuthi ithimba elilwa nobugebengu i-Anti-Corruption Task Team liyaphenya ngezinye izinto eziqukethwe yilo mbiko, ngakho uma sidedela lo mbiko manje lokhu kungaphazamisa lolu phenyo,” kusho uNxumalo.
Owayeyimenenja kaMasipala uDkt Mike Sutcliffe nobeyiMeya uMnuz Obed Mlaba nezikhulu ezasula isigubhukane amagama azo avela kulo mbiko, angeke baphenywe bashushiswe wumasipala ngoba abasawusebenzeli.
UNxumalo uthi abakaze nangelilodwa ilanga bathi angeke bawukhiphele umphakathi lo mbiko uyogcinwa uyimfihlo.
Khonamanjalo, kuphoqeleke ukuthi icacise kabanzi iMeya ngokuthengwa kwezimoto ezimbili “zikanokusho” zephini layo noSomlomo emva komsindo osuswe yi-DA ekhale ngokumoswa kwezimali.
I-DA ithi kuthathwe imali engabe isetshenziselwe ukuthuthukisa impilo yabantu ngokubahlinzeka ngezidingongqangi zabo kodwa kwathengwa izimoto ezingamaToyota Land Cruiser Prado amabili abize u-R1.5 Million.
Leli qembu lithi kuyathusa ukuthi kusenabantu abathenga unyanyavu lwezimoto zikaNkk Nomvuzo Shabalala noMnuz Logie Naidoo ekubeni kusenabantu abahluphekayo engabe bayanakekelwa.
Lisabise nangokubhalela ihhovisi loMvikeli woMphakathi ukuze kube yilona eliphenya iMenenja kamasipala uMnuz Sbu Sithole ukuthi akaphulanga yini umthetho ngokugunyaza kwakhe ukuthi kuthengwe lezi zimoto.
UNxumalo uthe emva kokuba ezingozini zomgwaqo futhi babambezeleke uma beya emihlanganweni ngenxa yobudala bezimoto abazisebenzisayo, babone kufanele ukuthi bathenge lezi zimoto ezimbili.
Uthe bathenge imoto yakwaToyota ekhiqizwe kuleli futhi eshibhile kunalezo ezakhiwa phesheya ezimba eqolo.
“Sibhekene nenkinga yokuthi izimoto esihamba ngazo sezidlulelwe yisikhathi njengoba iningi lazo lithengwe ngonyaka ka-2004. Zifa njalo lezi zimoto, lokhu okwenza sibambezeleke uma siya emihlanganweni futhi kubeke nempilo yethu engcupheni,”kusho uNxumalo othe bathwala kanzima uba beya ezindaweni ezingamawa ngoba izimoto abahamba ngazo ziyazicimela.
Lo mholi ube esebuza labo abakhalaza ngokuthi bamosha imali ukuthi bafuna basebenzise amaToyota Tazz yini uma beya emisebenzini kamasipala njengoba bekhononda. Uthe izimoto abahamba ngazo ziyihlazo.
USotswebhu weDA uMnuz Dean Macpherson, uthe yize zingabizi kakhulu lezi zimoto kodwa buyamangaza ubukhazikhazi obufakwe kuzo.
“Le moto inamakhamera amane, i-satellite navigation system, ifriji ne-sunroof. Lokhu kuzokwenza ukuthi zibize kakhulu lezi zimoto,” kusho uMacpherson.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services