Advertisement

‘Akwehliswe umoya ngeGenerations’

NONHLANHLA MKHABELA

UMPHATHI wehhovisi labathandana bengobobulili obubodwa iDurban & Gay Community & Health Center uNkk Nonhlanhla Mkhize uthe asikho isidingo sokubhodla umlilo ngokwenzeka phakathi kukaSenzo noNoluntu kwintandokazi yomdlalo owuchungechunge kuthelevishini iGenerations ngoba kuyafundisa.

UNOLUNTU (Zenande Mfenyana) okhuleliswe nguSenzo oyisitabane kwiGenerations.Isithombe: Bongiwe Mchunu. Credit: INLSA

Ngesikhathi kuvela ukuthi uNoluntu (Zenande Mfenyana) ukhulelwe ingane kaSenzo (Thami Mngqolo), kwasuka ukukhuluma emphakathini ogqugquzela amalungelo abathandana bengobobulili obufanayo ngoba kuthiwa bavezwa ngendlela engelona iqiniso.

Kwaba nokuphawula okuhlukene kwiFacebook abanye begxeka lo mdlalo abanye bethi bazoke bezwe “sekushintsha izitabane.”

UNonhlanhla uthe abanye baze bazama ukucela inhlangano yabo nezinye ukuthi azingabe zisayibuka iGenerations.

“Baningi ozakwethu abebethi asiyeke ukubuka lo mdlalo ngenxa yale ndaba kaSenzo noNoluntu kodwa sababonisa ukuthi lokhu abakuvezile kuyo yinto eyenzekayo emphakathini okumele abantu bafundiswe ngayo,” kuchaza uNonhlanhla.

Uthe kumele emdlalweni ofana nalona kungabhekwa nje umuntu oyedwa ukuthi wenzani kodwa nabo bonke asondelene nabo ngoba banomthelela ezintweni azenzayo. Ugcizelele ukuthi umuntu uma ethanda abantu bobulili obubodwa akusho ukuthi ngeke akhulelwe noma akhulelise.

“Kunabantu abashadile abafika kithina bazisho ukuthi bayizitabane kodwa uma sebefika ngaphandle baphile enye impilo. Abanye, njengoSenzo nje, basuke benza okuzojabulisa futhi kwamukelwe yimindeni yabo,” kusho uNonhlanhla.

Okhulumela iGenerations uNyagunda Ngwenya uthe umsebenzi we-soapie wukuchaza abantu ibagcine benento abakhuluma ngayo nabalangazelela ukuyibona futhi yingakho beyenza ngale ndlela.

“Abantu kumele baqonde ukuthi lena akusiyona iDocumentary kodwa wumdlalo wokuchaza abantu, akumele bathathe sengathi yonke into iqondiswe kwabathile ngoba akunjalo,” kubeka uNyagunda.

Uthe isimo uSenzo azithole ekusona siyabavelela nabanye ngakho akaboni ukuthi kukhalwa ngani.

SHOW ALL
Advertisement