SIMPHIWE NGUBANE
AQALILE ukufakaza ebeka izizathu ngokuthi kungani kumele anikwe ibheyili amanye amaphoyisa akwaKito (Cato Manor) njengoba abefaka isicelo sebheyili eNkantolo yesiFunda eThekwini izolo.
UCaptain Neville Eva (45) ucele inkantolo ukuthi imdedele ngoba ungumuntu ogulayo odla amaphilisi zinsuku zonke njengoba ahlinzwa inhliziyo futhi enenkinga yezinso.
Utshele inkantolo ukuthi waze izolo ekuseni ngala macala athe uzimisele ukuphikisa umbuso ngawo ngoba ayinto ekhandiwe.
Utshele inkantolo ukuthi ezinyangeni eziyisithupha ezedlule ubengekho emsebenzini engena ephuma ezibhedlela.
Ubonakale esekhihla isililo ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ngumshushisi u-Advocate Raymond Mathenjwa.
Kuleli cala kufakaze uWarrant Officer Deon Pillay obekhulumela umfowabo oboshiwe uRubendren Naidoo ethi akadedelwe ukuze ayofihla umfowabo oshone ngo-Lwesithathu emelwa yinhliziyo ezwa izindaba zokuboshwa kwakhe.
UPillay uthe njengoba uNaidoo ethathwa njengomuntu oyinsika yekhaya kumele abe kulo mgcwabo ayovalelisa kumnewabo.
Abanye babasolwa ngo-Colonel Willem Olivier, Warrant Officer Gonosagren Padayachee, Paul Mosstert, Adriaan Stolz, Eric Nel, Adjith Ghaness, Peter George, Mhlabunzima Thabethe, Sergeant Sivuyile Ngodwana weNational Intervention Unit (NIU), Thathayiphi Mdlalose, Thembinkosi Mkhwanazi, Jeremy Marten, Rubedren Naidoo, Raymond Lee, Mhlabunzima Thabethe, Captain Neville Eva, Anton Lockem, Dumisani Nzama nasebeshiyile emaphoyiseni oPhumelela Makhanya noDavid McInnes ababoshwe ePitoli.
Laba basolwa baphindele ezitokisini kanti namuhla kuyaqhubeka ukufakwa kwesicelo sebheyili.