‘Ama-ambulensi asazosebenza’

Comment on this story
no wentworth hospital2 INLSA UNKSZ MAKHOSAZANA Mdlalose umholi weDA kwezempilo KwaZulu-Natali uthi bazohlalela ethembeni lokuthi izethembiso ezenziwe ngama-ambulensi aduve eWentworth zizofezeka.

INTATHELI YESOLEZWE

AMANYE ama-ambulensi abalelwa ku-400 aseduve iminyaka emibili egcekeni lesibhedlela iWentworth eThekwini nasuse umsindo ngokungasebenzi kwawo azosatshalaliswa ezikhungweni ezehlukene namuhla.

Lokhu kuvezwe ngokhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi, kade ephendula ngawo.

Imibiko yephephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iSunday Tribune icaphune uMkhwanazi ethi ama-ambulensi angu-21 azosatshalaliswa namuhla.

Kule mibiko uMkhwanazi uyakuchitha ukuthi wonke ama-mbulensi ase-Wentworth selokhu ahlala khona ngonyaka ka-2010 kodwa wathi ukukhishwa kwawo kuwuhlelo oluqhubekayo olubuye luphazanyiswe yimidonsiswano esuke iphakathi kwezinkampani ezibanga amathenda okufakela ubucwepheshe.

Uthe angu-274 athengwa phakathi kuka-2010 no-2011 kanti angu-105 awo afika esekulungele ukusebenza ase akhishwa.

no wentworth hospital4 Amanye ama-ambulensi angu-400 aduve esibhedlela iWentworth ngenxa yokuthi amanye awo afile kanti amanye asazofakwa izinto ezishodayo kuwo. Izithombe: NQOBILE MBONAMBI INLSA

Uphinde wathi ngo-2011 no-2012 kuthengwe angu-280 esekukhishwe kuwona angu-39 kanti angu-29 awezimo eziphuthumayo zabakhulelwe nangu-71 ezinye izimo eziphuthumayo aselinde ukufakwa o-ova bese eqala ukusebenza.

Okhulumela i-DA kwezempilo KwaZulu-Natal, uNksz Makhosazana Mdlalose, obeyiphela endlebeni kwaboMnyango wezeMpilo efuna incazelo egcwele ngala maambulensi ngeledlule unikele nethimba lakhe kulesi sibhedlela efuna ukuyozibonela aphinde athole nolwazi olugcwele ngama ambulensi aduvile.

Utshele Isolezwe ukuthi bafike bachazelwa kuthi akuwona wonke ama-ambulensi alungele ukusebenza njengoba amanye esalinde ukufakelwa o-ova kanti kukhona nafile aselinde ukudayiswa.

Uthe bakhathazekile ngawu-100 alinde ukufakwa o-ova ngoba asehlale isikhathi eside kungekho okwenzekayo.

“ Sinikezwe isethembiso sokuthi ngeke kuphele isikhathi esingangenyanga lama ambulensi engakafakwa izinto ezishodayo, okwethu sekuwukulinda sibone ukuthi lokhu kuzokwenzeka yini,” kusho uNksz Mdlalose.

Kubikwa ukuthi ilinganiselwa kuR180 million imali echithwe umnyango uthenga lezi zi moto eziduvile.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.