Ama-Durbanites asebenzisana noDJ

no abaculi INLSA BAMATASA abafana baseThekwini abebaziwa ngeZinkwezeli kodwa asebelishintshile lelo gama njengoba sebezibiza ngama-Durbanites njengoba beqopha i-albhamu yabo. Isithombe: GUGU MQADI

UMA konke kuhambe kahle ngoMeyi izobe isitholakala ezitolo i-albhamu entsha yama-Durbanites okuyiqembu le-kwaito laseThekwini elalaziwa ngeZinkwezeli phambilini, njengoba bezosebenzisana noDJ Cleo nabanye abasezingeni eliphezulu.

Leli qembu elakhiwe nguThulani “ Zonda” Dlamini, Mxolisi “DJ Rocker” Miya noScelo “Trouble” Maphumulo.

Sekukaningi leli qembu lihlanganisa izingoma nabaculi asebemnkantshubomvu njengoba engekho ongayazi ingoma yabo yokuqala eyashisa izikhotha neyaba ku-albhamu yabanye abaculi baseThekwini, oBenzy noMzakes, eyayithi Amaqola kanti noMgarimbe wasebenza nabo engomeni yakhe ethi Amawala.

UDJ Rocker ongelinye ilungu laleli qembu, uthe basamatasa okwamanje bapheka izingoma zabo ngoba abafuni kwenzeke ngisho iphutha elincane ngokuphuma kwale albhamu.

“ Sifuna ukungabaphoxi abalandeli bethu kule albhamu kanti sithemba ukuthi ngeke kwenzeke njengoba bebaningi abaculi no-DJ asebemnkantshubomvu esisebenze nabo kuyona,” kusho uMiya.

Uthe phakathi kwalabo DJ kubalwa uCleo, uMzi ophinde abe ngumnikazi wezaseMzini okuyinkampani eliqopha ngaphansi kwayo leli qembu, abanye babaculi baseKalawa Jazmee, uThab’sile, DJ Nko noDJ Gukwa kanye nabanye.

no cleo1hfghfg UDJ Cleo. Isithombe: Bongiwe Mchunu INLSA

UTrouble uthe okwamanje abakafuni ukuphumela obala ngohlobo lomculo oluzotholakala kule albhamu kodwa kuzoba yingxube ye-kwaito nolunye uhlobo lomculo.


sign up