Ama-Tuks azogadla ngoRadebe

Comment on this story

MBONGISENI BUTHELEZI

UTHEMBISE ukusebenza kanzima ukusiza iqembu lakhe elisha i-University of Pretoria (AmaTuks) lizinze ku-Absa Premiership uDavid “Mkhumbi KaNoah” Radebe kulandela ukubuyela kwakhe kule ligi.

Lo mdlali owayegijima kuKaizer Chiefs nakuMoroka Swallows usayine inkontileka yonyaka owodwa neqembu lasePitoli elingomakoti ku-Absa Premiership kulandela ukukhuphukela kulesi sigaba ngemuva kokudla umhlanganiso kuNational First Division (NFD) ngesizini edlule.

“Ngijabulile kakhulu ukuthi ngisayine inkontileka yonyaka owodwa naleli qembu. Ngizoqhubeka ngisebenze kanzima ukulisiza lihlale kuPremiership. Ngibonga abaphathi beqembu ngokukhombisa ukungethemba ngokuthi banginikeze ithuba,” kusho uRadebe ogoduke nomkomelo womshayimagoli ovelele kuNFD ngesizini edlule.

Ubonge ne-United FC abegijima kuyona kuNFD ngokumnika ikhaya ngesikhathi amanye amaqembu emshaya ngesithende.

“Ngeke ngikhohlwe lapho ngiphuma khona ku-United kusukela kubaphathi, abaqeqeshi kuya kubadlali nabalandeli ngokungikhuthaza ngaso sonke isikhathi,” kusho lo mdlali.

URadebe (33) uthuse abaningi ngesizini edlule eshaya amagoli angu-20 kuyo yonke imiqhudelwano, kuligi ushaye amagoli angu-16.

Uthe akafuni ukusho isibalo samagoli azowashaya ngesizini ezayo.

“Ngiyokhuluma ngokuthi mangaki amagoli engizowashaya kule sizini esizoyiqala uma isiqalile,” kusho uRadebe.

Khonamanjalo iKick Off ibike ukuthi i-Ajax Cape Town ayizimisele ngokubuyisa uMfundo Shumana ebimbolekise kuChippa United.

n Umqeqeshi weBloemfontein Celtic, uClinton Larsen, uthe akanayo inkinga yokudedela u-Eric Mathoho ofunwa yiKaizer Chiefs ngoba umdlali kade akucacisa ukuthi ufisa ukuhamba.

Uthe unabadlali ababili basemuva ababhekayo okuyibona azovala ngaso isikhala sikaMathoho uma egcina ehambile.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.