Advertisement
logoSections

Amafilimu

Terminator 3 ku-e.tv ngo-8 namhlanje

Phakathi kwama-filimu okungamele akuphuthele kule mpelasonto yi-Terminator 3 okudlala kuyona u-Arnold Schwartznegger ku-e.tv ngo-8 namhlanje.

Robot. Credit: REUTERS

Kule fulimu amarobhothi afuna ukuqeda ngabantu basemhlabeni njengoba efuna kusale wona wodwa.

Uma behlangana namarobhothi babaleka bashiye isithunzi.

Ngabe ngubani ozowamisa?

I-The Mummy ezodlala kuSABC 3 ngoMgqibelo ebusuku

Kule filimu kulingisa u-Anorld Vosloo ongowokuzalwa eNingizimu Afrika.

Le filimu ikhuluma ngososayensi abafuna ukufunda ngomlando wase-Egypt bese bethatha nomcebo osemathuneni oFaro.

Kuvumbuka amabutho abhandishiwe emathuneni oFaro afuna ukudidisa labo abazobutha umcebo emathuneni.

Speed e.tv ngeSonto ngo-8 ebusuku

Le filimu uyibuka umincile ukuthi ibhomu lingaqhumi njengoba usayitsheni u-Jack Traven (Keanu Reeves) kumele ashayele ibhasi elinebhomu.

Leli bhomu licushwe ngungqondongqondo osethathe umhlalaphansi u-Howard Payne.

Le filimu eyawina izindondo eziningi idlisa ngosaziwayo o-Keanu Reeves, Dennis Hopper noSandra Bullock.

SHOW ALL
Advertisement