SIMPHIWE NDWANDWE
AMAJELE abizwa ngamadolobha akhiwe kuwo asezoguqulwa amagama anikezwe lawo magama anikeza ithemba futhi anokugqugquzela ababoshiwe ukuthi balungise izigwegwe bazalwe kabusha empilweni.
UMnuz Zack Modise, owayeyiPhini loMphathi wezokuHlunyeleliswa kweziMilo emajele kazwelonke, uthe umjikelezo wokuqala wokwethiwa kwamajele sewuphothuliwe sekulindwe ukuthi uNgqongqoshe walo Mnyango osanda kuthatha izintambo, uDkt Sibusiso Ndebele, enze isimemezelo.
UModise uthe isimemezelo sizokwenziwa maduze uma sekuhlangane iPhini likaNgqongqoshe, uMnuz Ngoako Ramotlhodi, naye uNdebele bathatha isinqumo ngamagama amasha.
Amajele azokwethiwa kabusha angu-11 kodwa kwabuye kwaphakanyiswa igama lejele laseNcome ukuthi nalo liguqulwe igama. UModise uthe isinqumo mayelana nokuthi liguqulwe manje igama lejele laseNcome sizothathwa nguNdebele noma lifakwe emjikelezweni wesibili kwazise akukaze kulalelwe zethulo zezakhamuzi ngegama ezingathanda libizwe ngalo.
“Sifuna ukuthi abantu ababoshiwe bakuqonde kahle ukuthi yini elindeleke kubo emajele ababoshelwe kuwo. Lokhu bazokubona befika nje ngalo igama lejele abagwetshelwe kulo,” kusho uModise.
KwaZulu-Natal amajale azoqanjwa kabusha yi-Durban-Westville, elaseMgungu-ndlovu iNew Prison. Phakathi kwamagama okwanxuswa ukuthi kubizwe ngawo ijele i-Westville kwakukhona nelalowo owayeyisishoshovu se-ANC u-Andrew Zondo owaqhumisa ibhomu eManzimtoti ngo-1985. Negama likaMnuz Robert Mcbride owayengukhomishana wamaphoyisa eKurhuleni, eGoli laphakanyiswa ngeqhaza lakhe emzabalazweni.
UModise, osengukhomishana wamajele eGauteng, uthe abantu baphakamisa namagama ezishoshovu zezombusazwe ngakho uNdebele uzocubungula ukuthi kufanele kusetshenziswe maphi amagama afanele.
Kwezinye izifundazwe kuzokwethiwa kabusha lamajele: Barberton, Modimolle, Johannesburg, Pretoria Central, Leeuwkop, St Albans, East London, Pollsmoor ne-Kroonstad.