Amaphoyisa asolwa ngobundlavini

Comment on this story
NO mutwa4 INLSA AKAKWAZI ngisho ukuzidlela uMzamo Mutwa okuthiwa ushaywe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu, lezi zithombe zithathwe ngabomndeni ngoba iphephandaba belingavunyelwe ukushutha esibhedlela. Ekhanda umanxebanxeba kanjalo nasezinyaweni nezingalo. ISITHOMBE: PATRICK MTOLO

BONISWA MOHALE

KUBONWA ngokusa kowesilisa waseMagabheni, KwaZulu-Natal, okuthiwa ukhandwe ngamatshe ngamaphoyisa aseMkhomazi abemsola ngokweba.

Lesi sigameko esishiye umphakathi waseMagabheni ushaqekile senzeke ngoLwesihlanu ngesikhathi uMnuz Mzamo Mutwa (25) elinde umfowabo esitobhini.

Kuthiwa wathathwa ngamaphoyisa amane akhona endaweni, ayehamba ngemoto okungeyona eyomsebenzi amshaya, ayomphosa emfuleni ongezansi kwakubo.

Ngokusho kukaNkk Bonisiwe Mutwa (67) wezwa ngomfana wakwamakhelwane ememeza ethi indodana yakhe iyashaywa.

Kuthe uma ephuma eyobheka, wathuswa yizitini ezigcwele igazi ezazisemhosheni kwathi uma ehlela ngasemfuleni wathola indodana yakhe intanta emanzini amaphoyisa eyibophe ngozankosi.

NO mutwa5 AKAKWAZI ngisho ukuzidlela uMzamo Mutwa okuthiwa ushaywe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu, lezi zithombe zithathwe ngabomndeni ngoba iphephandaba belingavunyelwe ukushutha esibhedlela. INLSA

“Angikaze ngisibone isihluku esinjeyana samaphoyisa. Ngathi ngiwabuza ukuthi ingane yami ishayelwani avele angithuka,” kusho uNkk Mutwa.

Uthe noma ngabe ingane yakhe ibiyenzeni kodwa akahambisani nokuthi ishayelwe ukufa. “Ngisho noma sebemfaka evenini babemgaklaza nje kungathi baphosa isaka. Noma esethi uyavuka uyangibheka bavele bamkhahlele. Angikaze ngibone igazi elingaka selokhu ngazalwa. Ngangilokhu ngibuze njalo ukuthi ishayelwani ingane yami kodwa akekho owayengiphendula babevele bangithuke,” kuqhuba uNkk Mutwa.

Uthe sebevulele amaphoyisa icala ngoba bayawazi wonke futhi abonwa nguye namanye amalungu omphakathi eshaya ingane yakhe.

Amalungu omphakathi angathandanga ukudalulwa athe uMuthwa usolwa ngokweba umsakazo komunye umuzi benabangani bakhe.

Akuqali ukuthi abantu baseMagabheni bazibambele kwazise nyakenye bashisa imizi yabantu abasolwa ngokudayisa iwunga.

Amaphoyisa athe akusilo iqiniso ukuthi uMutwa ushaywe yiwo kodwa asola umphakathi ngokumshaya ngoba umsola ngokugqekeza.

NO mutwa3 UNODUME lwengozi ngisho ekhaya uMzamo Mutwa okuthiwa ushaywe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu. Izithombe: PATRICK MTOLO INLSA

Athe uphenyo luyaqhubeka.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.