UTHISHA ofunwa uthuli waseKucabangeni High, eNquthu, ovele ku-video eya ocansini nabafundi kuthiwa akakazinikeli emaphoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Thulani Zwane, uthe uthisha ovulelwe amacala ngeledlule akakazinikeli emphoyiseni.
“Uthisha usagcwele amathafa, amaphoyisa asamthungatha,” kusho uZwane.
Inyunyana yothisha iNatu, ayilungu layo, kulindeleke ukuthi namhlanje ibe nesithangami nabezindaba eThekwini lapho izokhuluma ngobulungu bakhe.
Usihlalo wekomiti lezemfundo ePhalamende, uNkk Nomalungelo Gina, ukugxekile okwenziwe wuthisha wathi othisha akumele basebenzise budedengu amandla abanawo.
Uncome isenzo sikaNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, sokumvulela amacala.
“Kumele kuphenywe kutholakale umnyombo ngodaba ngoba abazali bathumela abafundi ezikoleni bethembe ukuthi kuphephile. Kuyasikhathaza futhi ukuthi omunye wezisulu ongumfundi uzame ukuzibulala ngempelasonto,” kusho uNksz Gina.
Uthe abantu abanjengalo thisha akumele babe seduzane nabafundi ngoba icala lakhe libucayi.
UMengameli wenhlangano yabafundi iCosas, uZama Khanyase, uthe badumele ngokusabalala kwama-video anothisha wathi kodwa aveza izinto ezenzeka ezikoleni.
Uthe beyinhlangano bazothamela ukusuka nokuhlala kwecala likathisha wathi bahlose ukuthi bonke abafundi abathintekayo balulekwe.
“Sifuna kubuyekezwe neqhaza leSouth African Council for Educators ngoba yibona bantu okumele othisha baphendule kubona kodwa bayahluleka. Lo mkhandlu kawenzi lutho ukubhekana namacala afuze lawa okwenza othisha bazenzele,” kusho uKhanyase.