Amaphoyisa avalelwe ethi azosebenza

Comment on this story
no traffic-use . Abeyizixongololo amaphoyisa omgwaqo eMgungundlovu ngesikhathi ezithela phezu kwamasango elenga ingidi engavunyelwe ukuthi angene ngaphakathi aqale umsebenzi izolo. Isithombe: SHAN PILLAY

NONTUTHUKO NGUBANE

ABASHAYELI bebezichanasela edolobheni eMgungundlovu amaphoyisa omgwaqo aseMsunduzi evalelwe ngaphandle kwamasango emsebenzini izolo ekuseni ngenxa yokuthi nawo kade etelekile.

Lokhu kuchaze ukuthi ebengeke akwazi ukusebenza ngoba zonke izinto zokusebenza bezivaleleke ngaphakathi emahhovisi amaphoyisa engavunyelwe ukungena ngaphakathi.

Isolezwe lizibonele amahhovisi evalwe ngengidi enkulu neketango ukuze kungasondeli lutho ngisho nabasebenzi abahlanza amahhovisi nabenza eminye imisebenzi bebengadingeki ngaphakathi kwamagceke.

Amaphoyisa athe afike ngehora lesithupha emsebenzini onogada bevutha bethi akungeni lutho emahhovisi ngoba balandela umyalelo wabaphathi bamaphoyisa wokuthi bangavuleli muntu.

UMnuz Nkosiyakhe Khumalo, omunye wamaphoyisa omgwaqo obemi ngaphandle efuna ukuqala ukusebenza, uthe bamangazwe ukukhiyelwa ngaphandle kokunikwa isizathu.

“Ngifike ekuseni njengejwayelo ngithi ngizoqala umsebenzi. Kungethusile ukunqatshelwa ngonogada ukuba ngingene emsebenzini. Abangitshele khona wukuthi abaphathi bami bathe akungeni muntu. Konke lokhu ngikuthatha njengento eyinhlamba njengomsebenzi ukuba ngingaziswa ukuthi kungani ngivalelwe ngaphandle,” kusho.

Amaphoyisa omgwaqo abelokhu ezulazula, kwezinye izindawo kunesiminyaminya abanye abashayeli behamba ngesivinini esiphezulu ngoba abenganakile.

Okhulumela uMasipala waseMsunduzi, uMnuz Brian Zuma, uvumile ukuthi amahhovisi amaphoyisa omgwaqo avaliwe futhi lokhu kuphazamise ukusebenza kwamaphoyisa.

“Isinqumo sokuvala amasango amahhovisi amaphoyisa siqhamuke emuva kokuba wona amaphoyisa kade etelekile ngokungekho emthethweni ngeledlule evimba kwasani esangweni. Sibe sesivala amasango kuze kube isimo siyaxazululeka,” kusho uZuma.

Uthe azikho izigameko ezimbi ezibikiwe.

“Kunzima ukumisa umuntu umnikeze ithikithi nawe ube uhamba ngemoto efanayo neyakhe. Izimoto zethu zifana namathuna uqobo.

“Amasondo akhona agugile, kuningi okonakele kodwa ikhona imali yokuba zikhandwe kuthengwe nezinye,” kukhononda amaphoyisa.

Phakathi kwezinye izinto abakhala ngazo amathikithi anikezwa abashayeli kungalandelwanga umthetho ofanele nenza abashayeli bakhokhe imali esuke ingafanele.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.