isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

AmaSama sisazowabona kuthelevishini

Comment on this story


NO_randall0

Dumisani Dube

ISIKHULU esiphezulu samaSouth African Music Awards uRandall Abrahams ofike nezinguquko ezinqala kulo mncintiswano, osazoqhubeka nokuvezwa bukhoma kuthelevishini

UZOQHUBEKA nokutshengiswa bukhoma kuthelevishini umcimbi owubukhazikhazi wokuhlonipha abaculi bakuleli wamaSouth African Music Awards (Sama) yize sekube nezinguquko ezinqala ngokuhlelwa kwawo.

Isikhulu esiphezulu esisha salo mcimbi uRandall Abrahams wodumo lwama-Idols, uqhamuke nezinguquko ezinqala emcimbini walo nyaka njengokuthi ngeke esaba ngoLwesihlanu nangoMgqibelo njengokujwayelekile kepha asezoba ngeSonto nangoMsombuluko (Ephreli 29-30).

Nyakenye lo mcimbi wawuseMonte Casino, eGoli kodwa kulokhu uzobuyela ekhaya lawo eSun City, eNorth West.

Yize kunalezi zinguquko, uRandall wethembisa ngokuthi lomcimbi uzoqhubeka nokuba sezingeni eliphezulu futhi usazoqhubeka nokusakazwa bukhoma kuthelevishini.

Sekuphothuliwe ukuqokwa kwabaculi abaqokelwe emikhakheni eyehlukene kanti amalungiselelo asegxile emcimbini.

URandall uthe okuningi sekumi ngomumo njengoba ngoMashi 8 bezomemezela abaculi abakhethiwe abazoqhudelana emikhakheni engu-32, endaweni esazomenyezelwa eseGoli.

no sama prof

UMCULI wekwaito uProfessor owawola izindondo nyakenye kumaSama. Kuzocaca ngemuva kokumenyezelwa kwabaculi abaqokelwe emikhakheni ukuthi kulo nyaka ngubani oqokelwe emikhakheni eminingi nongase awole izindondo. Isithombe: Dumisani Sibeko

INLSA

“Sigculisekile ngabantu abakhethiwe okutshengisa khona ukukhula kwendima yezokungcebeleka nokukhula kwesibalo sabaculi bakuleli abanekhono abazethembayo ngalo,” kusho uRandall.

Uthe inhloso yabo yokuyisa lo mcimbi kulezi zinsuku ezibalulwe ngenhla yingoba bafuna ukwenyusa isibalo sabantu ababukela lo mcimbi kuthelevishini behleli emakhaya.

Uthe sebengasemaphethelweni amalungiselelo okuhlelela lo mcimbi, abahleli bawo abafuna uthathiswe okweminye yemicimbi enedumela kuleli.

“Eminye imininingwane ngamaSama izodalulwa ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uRandall.

USue Klerck oyisikhulu sakwa-Sun International uthe iSun City izizwa ihloniphekile ngokuphinde ithole elinye ithuba lokusingatha lomcimbi onedumela kangaka kwezokungcebeleka.

“Njengendawo yokuzithokozisa enkulukazi yase-Afrika, kuyintokozo ukuthi lo mcimbi uphindela eSun City. ISuperbowl iwulungele futhi lo mgubho othakaselwayo eNingizimu Afrika,” usho kanje. - INTATHELI YESOLEZWE

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
Marc_02
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 36.
View Profile
umxhosa_126
I'm a 38 year old man looking to meet women between the ages of 23 and 38.
View Profile
EEMona
I'm a 39 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 30.
View Profile
IOL - dating
Kyra
I'm a 39 year old woman looking to meet men between the ages of 40 and 55.
View Profile
IOL - dating
Phillipine
I'm a 40 year old woman looking to meet men between the ages of 40 and 50.
View Profile
IOL - dating
candy954
I'm a 29 year old woman looking to meet men between the ages of 40 and 65.
View Profile