Gallo Images
Iqembu lakuleli lama-Sevens lizothembela kuCecil Afrika njengoba kuqala imidlalo yomzuliswano wesibili eNew Zealand namuhla. Isithombe: Gallo Images
MALIBONGWE MDLETSHE
SIZOTHOLA ithuba lokubuyisa ifomu yaso isilomo samaSpringbok Sevens, uCecil Afrika, ongayiqalanga kahle isizini ka-2011/2012 emva kokuhlaselwa wukulimala kanzima ngasekuqaleni kwale sizini.
Lo mdlali oklonyeliswe yi-International Rugby Board (IRB) neSouth african Rugby Union njengomdlali wama-Sevens ovelele emhlabeni naseNingizimu Afrika, uzobe ezimisele ukushaya izinto adume ngazo namuhla ngesikhathi iqembu lakuleli lizogijima emzuliswaneni wesine wamaHSBC World Sevens Series eNew Zealand.
Lo munxa we-HSBC uzophela kusasa. U-Afrika ukholelwa ekutheni lisazodlondlobala leli qembu eliqeqeshwa nguPaul Treu.
“Asiqhelile kakhulu kwiNew Zealand neFiji abaphezulu. sisadlale imidlalo yamanqamu kuyo yomithathu imizuliswano kusukela iqalile le sizini,” kusho u-Afrika.
bezingakamhlanganeli kahle izinto enkundleni kule sizini lo mdlali ngenxa yokuthi ubehlaselwe wukulimala. Udlalile eGold Coast e-Australia kowokuqala wesizini ka-2011/2012 ngoNovemba-25 phezu kokuba ubesatotosa isiqhomo sakhe ebesilimele.
Lo mzuliswano wokuqala akawuqedanga u-Afrika. Emdlalwe-ni elakuleli elititinye kuwo yiJapan ngo 31-7 uphume sekukubi waphu-thunyiswa esibhedlela ngemuva kokubhakazeka ezimbanjeni.
Nyakenye u-Afrika uphume phambili ngokushaya amaphuzu nama-try amaningi kodwa ngenxa yokulimala kulo nyaka akekho nasohlwini lwabadlali abayishumi abahamba phambili ngamaphuzu.
Kodwa u-Afrika, waseMission Vale, imijondolo ekhungethwe ububha eBhayi, ulokhu eqhubekile nokuba yisilomo somhlaba kwelombhoxo. Muva nje wethulwe yi-IRB njengenxusa lomkhankaso wokulwa nezidakamizwa kuma-Sevens, i-IRB Keep Rugby Clean.
“Ngikubheke ngabomvu ukuba yingxenye yalo mkhankaso nokuzibandakanya nawo ngayo yonke indlela ukuze siwugcine ucwebile umdlalo wombhoxo wama-sevens,” kusho yena kuwebsite ye-IRB.
Kulo munxa waseNew Zealand okuzobe kungowesine ochungechungeni lwakule sizini, iqembu lakuleli liboshelwe ne-United States, England neCook Islands kuGroup B.
Kuyimanje abafana bakaTreu basendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-48 ngemva kweNew Zealand neFiji ababambene ngamaphuzu angu-51.
Ngesizini edlule elakuleli liqede lisendaweni yesibili ngemuva kweNew Zealand engenawo umlando omuhle uma idlala amaSevens ngakubo.
|
|
Services