I -ANC ikhala ngabantu abanikezwa amathenda ukuthi yibo abayenza ibukeke kabi emiphakathini ngokungawuqedi umsebenzi.
Lokhu kuvele ngesikhathi ilungu lesigungu esiphezulu kule nhlangano, uMnuz Fikile Mbalula, likhuluma nabezindaba e-Ellis Park ngaphambi kokuqala komcimbi iSiyanqoba izolo.
Uthe i-ANC akuyona eyakha izindlu ezingekho esimeni kodwa ngabantu abasuke benikezwe imisebenzi.
“I-ANC akusiyona eyakhela abantu bakithi izindlu ezisuke zingekho esimeni kodwa kuba ngabantu bamathenda abanikezwa imisebenzi bese bona bengawenzi kahle. Ngaphandle kwalokho, abantu bayaziqhenya ngemisebenzi emihle abayenzelwe wuKhongolose. Uma sikhuluma nabo bayakutshela ukuthi banezindlu ngenxa ye-ANC. Abantu kabanandaba nezindlu zikanokusho, yingakho beziqhenya ngalezi i-ANC ebakhele zona,” kusho uMbalula.
Ukusho lokhu nje i-EFF igadla ngesikhangiso esiveza ukwehluleka kwabantu abathola amathenda kuhulumeni oholwa yi-ANC.
Lesi sikhangiso sichaza nangenkohlakalo edalwe yilolu hlelo lwamathenda lapho sikhombisa abasebenzi beholelwa kancane kanti umuntu osuke ethole ithenda yena avele egwaza bese ethola izindodla zemali ayichitha ezimotweni zikanokusho.
UMbalula uthe bayazethemba ngemikhankaso ababe nayo ngoba bebekhuluma nabantu balalele izinkinga zabo.
Uthe bebengafiki ebantwini babaphosele amaphepha ezethembiso zokhetho bese bebashiya kanjalo kodwa bebeya kubo bahlale nabo phansi baxoxe bezwe izinkinga abanazo.
I-ANC ibikhiphe ngisho abaholi bayo asebemnkantshubomvu ukuba baye emizini yabantu bayozama amavoti.
Abanye babo nguDkt Nkosazana Dlamini-Zuma obesabalele ezingxenyeni zaKwaZulu-Natal, uMnuz Kgalema Motlanthe obebonakala emalokishini aseGoli benoMnuz Ahmed Kathrada, uNkk Naledi Pando nabanye.
Ngisho abaholi beSACP abangagculisekile ngohlelo lokuqokwa, abantu abamele i-ANC okhethweni babonakale bematasa nemikhankaso.
Phakathi kwabo nguMnuz James Nxumalo, onguSihlalo weSACP KwaZulu-Natal futhi oyiMeya yeTheku.
UNkk Thoko Didiza okuke kwasuka umsindo ngaye abantu baseTshwane bengamfuni ngoba bethi ungowaKwaZulu-Natal, ubonakale ematasa ekhankasa kuzona zonke izingxenye zaseTshwane.
I-ANC imiswe kabi yiDA eGauteng komasipala bakhona abakhulu njengoba ibabheke ngabomvu.
Kumanje emigwaqweni yakhona kugcwele izingqwembe zeDA esebenzisa igama likaDkt Nelson Mandela kuzo ukugaya amavoti.
KwaZulu-Natal i-ANC ibonakala izobangisana ne-IFP, EFF neDA .