FANELESIBONGE BENGU
SEKUVOTE abangaphezulu kuka-300 000 emunxeni we-Amstel Record of the Year kumaSouth African Music Awards (Sama) azoba seNkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC), eThekwini, ngoJuni 4. Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu samaSama, uRefiloe Ramogase njengoba ukuvota kuvalwa ngoLwesine. Izingoma ezivotelwayo zingu-20.
“Ukuvota kuzovalwa ngo-9 ebusuku ngoLwesine. Ngakusasa ngoLwesihlanu simemezele amaculo angu-10 aphambili bukhoma kuLive Amp kuSABC 1 ngo-7.30 ebusuku. Ukuvotela lezo zingoma ezingu-10 ezizomenyezelwa kuzovulwa ngo-8 ebusuku kuze kuvalwe ngo-9.30 ebusuku ngoJuni 4,” kusho uRefiloe.
Uthe amalungiselelo abo ahamba kahle kakhulu wadalula nokuthi amajaji asebakhethile abanqobile kweminye iminxa.
“Sesikulungele ukuthi singabamemezela manje,” kusho uRefiloe.
Uthe namathikithi ahamba kahle eComputicket kangangokuba sekusele alinganiselwa ku-200. Amathikithi abiza kusuka ku-R350.
URefiloe ubuye wathi miningi imicimbi eyandulela amaSama abayihlelile nabazoyidalula ngokuhamba kwesikhathi.
Ukuvota ushayela u *120*72221# bese ulandela okubhaliwe. Kubiza u-20 cents ngemizuzwana engu-20. Inombolo ngayinye ivunyelwe ukuvota amahlandla angu-50.
Uhla lwezingoma ezivotelwayo lumi kanje:
1. AKA - All Eyes On Me (w/ Burna Boy, Da Les & JR)
2. Shekhinah & Kyle Deutsch - Back To The Beach
3. AKA - Baddest
4. Prince Kaybee - Better Days (w/ Audrey)
5. Riky Rick - Boss Zonke
6. DJ Fisherman & Naak Musiq - Call Out (w/ Dream Team, Danger & DJ SK)
7. Mobi Dixon - City Rains
8. DJ Kent - Don't Let Go (w/ Mo-T)
9. Four7 - J'Adore (w/ Tiffany)
10. DJ Merlon - Koze Kuse (w/ Mondli Ngcobo)
11. Nathi - Nomvula
12. eMtee - Roll Up
13. TiMO ODV - Save Me
14. Dbn Nyts - Shumaya(w/ Zinhle Ngidi & Trade Mark)
15. K.O - Skhanda Love (w/ Nandi Mngoma)
16. Heavy K - Sweetie (w Nokwazi)
17. Anatii - The Saga (w/ AKA)
18. DJ Dimplez - Way Up (w/ Cassper Nyovest & JR)
19. Black Coffee - We Dance Again (w/ Nakhane Toure)
20. Mi Casa - Your Body