Ande ngesivinini amandla ezinkundla zokuxhumana

Comment on this story
NO_no brigado0 Group UBRICKZ ongumculi we-kwaito owachapha owesilisa ngenhlamba ku-twitter

IZINTATHELI ZESOLEZWE

KUKHONA abamiswa emsebenzini, abanye bajikijelana ngenhlamba, abanye baxolisa kubalandeli babo kanti bakhona nabakushiya ukhexile.

Yonke le migilingwane yenzeka ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi ku-facebook naku-twitter.

Izigigaba ezenzeke kulo nyaka ezinkundleni zokuxhumana ziwagqamisile amandla izinkundla zokuxhumana esezinawo kulesi sikhathi samanje njengoba eminye imibhalo yaku-twitter ibibuye ibe yizihloko eziqavile nakwabezindaba.

Umkhulumeli woKlebe osamisiwe uMcIntosh Polela ungubufakazi obuqavile bamandla nobungozi bokuphawula isinoma kanjani ezinkundleni zokuxhumana.

Ngemuva kokuboshwa komculi we-hip hop uMolemo “Jub Jub” Maarohanye, uPolela wabhala ku-twitter ukuthi wethemba ukuthi abalandeli balo mculi bamphathise ujeke kaVaseline njengoba eseya ezikhindini.

NO_camagwini0 CAMAGWINI. Isithombe: Sizwe Ndingane INLSA

Kwasuka igidigidi ngokubhala kwakhe kanjena, yize abuye waxolisa kodwa kwaholela ekutheni amiswe emsebenzini.

Intokazi emodelayo uJessica Leandra waphucwa isicoco sakhe sokuba yi-FHM Model of the Year ngenkathi esebenzisa igama lokucwasa okokwakuchazwa ngalo abantu abamnyama ngezikhathi zobandlululo.

Ngesikhathi iningi likhalela ukudlula emhlabeni kwesihlabani somculo we-kwaito, uSphiwe “Brown Dash” Mpamile, abanye ku-twitter babekwenza ihlaya lokhu.

UThemba Radebe (@ThembaRadebe) wabhala kwezwela kumngani omkhulu walo mculi, uSipho “Brickz” Ndlovu.

“Brown Dash othandekayo: Ubingelele kuNkosi Johnson (owabulawa yisifo sengculazi eneminyaka engu-11 ngo-2001) noZombo (owayecula eqenjini AbaShante owashona ngo-2008 bebulawa yizifo ezihlobene nengculazi). Ozithobayo, DJ Bongs,” kubhala uThemba.

Ngawo uMeyi kusabalale izindaba zokudlula emhlabeni komculi we-afro soul uSiphokazi “Camagwini” Buti (29). Kwaqubuka izindaba zokuthi ushone ekuseni ngezithuba zawo-5 esibhedlela saseGoli ngemuva kokuphelelwa wumoya kodwa kwatholakala ukuthi uyaphila. Abanye bamsola ngokuthi wayezama ukuphusha i-albhamu yakhe ethi Re-Birth.

NO_cndo0

Omunye umculi okwasabalala izindaba zokuthi ushonile ebe edla anhlamvana nguSbusiso “R Mashesha” Khomo, oyilungu leqembu lomculo we-kwaito iBig NUZ.

UR Mashesha kwathiwa ubulawe yigciwane lengculazi.

Abanye bahluthukelwa yizinhliziyo ngenxa yezinto ezazishiwo kubo, umculi we-kwaito uBrickz wagibela owesilisa ngenhlamba kwancane indawo.

Ingxabano yalona wesilisa noBrickz yasuswa wukuthi kukhona owesifazane owancoma lo mculi kwase kuba khona owezwakalisa ukunganeliseki ukuthi lo wesifazane angahlabeka umxhwele yilo mculi. UBrickz wabuye waxolisa ngesenzo sakhe.

Umethuli wezinhlelo uMinenhle “Minnie” Dlamini uke wasusana noLerato Kganyago.

Lokhu kungaboni ngaso linye kwakwandulela ukuthi omunye umlandeli abuza uLerato ukuthi uke waba yini noMinnie ohlelweni lwakhe iLerato Kganyago Show.

NO_polela0 MCINTOSH POLELA Ex-QDMS

ULerato waphendula ngokuthi bake bamzama kodwa uMinnie wakuphika lokho.

ULerato watshela uMinnie ukuthi uyeyisa futhi akayeke ukubajwayela kabi.

NoNonhle Thema noDJ Cndo basanda kususana baze bathukana, kubangwa ukuthi uNonhle uthe uxakwe yini uCndo ngokujola noMsawawa ekubeni emncane kunaye.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.