GALLO IMAGES
UZOTHOLA ithuba lokubuyisa isithunzi sakhe uMzonke Fana ozotholana noSipho Taliwe empini yesicoco seWBC International Super Featherweight ngoSepthemba 22, e-Emperors Palace, eGoli. Isithombe: GALLO IMAGES
ZAKHELE XABA
USETHUBENI lokusheshe abuyele esicongweni uMzonke “The Rose of Khayelitsha” Fana ophuma ebunzimeni bokwephucwa isicoco se-IBF engasivikelanga.
UFana owasala esola umgqugquzeli wezimpi zakhe uBranco Milenkovic weBranco Sports Production (BSP) angase asheshe akukhohlwe konke okumehlele ezinyangeni ezedlule nokugcine kumphendule inhlekisa kubantu asondelene nabo. Uzobhekana nompetha uSipho “Tsunami” Taliwe empini yesicoco seWBC International Super Featherweight ngoSepthemba 22, e-Emperors Palace, eGoli.
Le mpi izobe ihambisana nezeNashua Cruiserweight Super 8 ezihlelwe yiGolden Gloves Promotions (GGP) kaRodney Berman esezisesigabeni esandulela eyamanqamu. UFana owatshela leli phephandaba ukuthi usephendukelwe nangabantu abebathemba ngoba esebunzimeni unqobe impi yakhe yokuqala ebuyile ngesikhathi ezidlela amahlanga kuVuyani Masondo emasontweni adlule njengoba esemkhankasweni wokubuyela esicongweni esibhakeleni. Ngesikhathi ecela usizo kuBoxing South Africa (BSA) mayelana nokuthi kubuye ibhande lakhe,watshelwa ukuthi akayeke ukukhalela ubisi oseluchithekile abuyele ejimini, aqale phansi.
“Ngizokwembula ikhasi elisha empilweni yami emuva kokulahlekelwa yisicoco nokuyinto engingasathandi ukukhuluma ngayo ngoba yangihlukumeza kakhulu. Angimbukeli phansi uTaliwe kodwa wonke umuntu uyamazi uMzonke, kuyaziwa ukuthi yini akwazi ukuyenza eringini,” kusho uFana.
Akungabazeki ukuthi ukunqoba lesi sicoco kuzomvulela amasango amaningi uFana ohlale egcizelela ukuthi indawo yakhe yokuzikhulumela iseringini. Nokho ngeke kube lula kuFana ukwephuca uTaliwe lesi sicoco, ikakhulukazi njengoba esehlale isikhathi eside engalwi. Yize esedlule kuMasondo kodwa izinga likaTaliwe (18-15-2-1) oseneminyaka eyisithupha agcina ukwehlulwa nelikaMaso-ndo ongakaze anqobe neyoku-bika impi kweziyisikhombisa ngeke liqhathaniswe.
“Izimpi ezisezingeni eliphezulu yizinto zami, ngiyazijabulela kakhulu. Esengikubhekile manje ukungena eringini nginqobe isicoco, ngiqhubekele phambili,” kusho uFana obezwakala ukuthi ujabule ngokuthola le mpi.
UTaliwe owayengumpetha we-SA Super Featherweight unqobe ese-WBC International ngo 2010 ehlula uVinvin Rufuno ngaphambi kokusivikela kuye futhi nyakenye. Ugcine ukungena eringini ngoMashi enqoba uJoey Stiglingh.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services