isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Angase ehliselwe isigwebo uNobanda


no drugss

Supplied

UNOLUBABALO Nobanda ngesikhathi amaphoyisa ebheka izidakamizwa kuma dreadlocks akhe emuva kokuthi kubonakale impushana emhlophe kuwo ngesikhathi efika esikhumulweni sezindiza iSuvarnabhumi, eBangkok ekupheleni kukaDisemba nyakenye. UNolubabalo uzovela eNkantolo yakuleliyazwe ngoMashi

INTATHELI YESOLEZWE

EMUVA kwenyanga nohhafu aboshelwa ukuzama ukushushumbisa izidakamizwa eBangkok, owesifazane wase-Eastern Cape ubhalele umndeni wakhe.

UNolubabalo Nobanda oboshwe ekupheleni konyaka odlule emuva kokuthi kutholwe izidakamizwa kuma-dreadlocks akhe esikhumulweni sezindiza kuleli yazwe ubhalele umndeni wakhe ewazisa ukuthi ungene kanjani kule nkinga akuyo.

Uchazele umndeni wakhe ukuthi angeke aze abekwe icala ngempushana yokubhaka eyatholwa ixutshwe ne-cocaine ngesikhathi eboshwa.

UNksz Nobanda uzovela enkantolo ngokusemthethweni ngoMashi 19 nonyaka.

Encwadini etholwe ngumndeni wakhe kuleli sonto, uthe akanankinga, ulindele ukuthethwa kwecala ngoba uzobhekana necala lokuzama ukushushumbisa u-600g we-cocaine, hhayi u-1.5 kg njengoba bekuke kwabikwa.

Lokhu kungehlisa isigwebo sakhe.

UNolubabalo uphinde waveza kule ncwadi ukuthi ngesikhathi aboshwa ngaso wayenomngani wakhe uSulezi Rwanqa.

Uthe uSulezi wamjikela wakwazi ukuphumelela ukuthi abuyele kwelakuleli.

EGrahamstown kuthiwa uSulezi uhlale ebonakala ezindaweni zokucima ukoma kanti ngesikhathi ebuya kule ndawo wafike wagunda izinwele, abantu behleba ngokubuya kwakhe eBangkok.

UNksz Nobanda uthe usetholelwe ummeli wamahhala waseBangkok ozommela kuleli cala.

Umndeni kaNksz Nobanda uthe uzothumela umuntu ozomluleka kwezomthetho nelinye ilungu elizokwazi ukumduduza uma esevela enkantolo ngoMashi.

Unina wakhe uNksz Honjiswa Mbewu ukuqinisekisile ukuthi kukhona abantu abazobathumela uma sekuqhubeka icala futhi bayaxhumana nehhovisi lenxusa lakuleli elikuleliyazwe.

Kule ncwadi uUNksz Nobanda ucele umndeni wakhe uqonde ukuthi wakwenzelani ayekwenza futhi umxolele ngobuhlungu abazwise bona.

Uthe uyejwayela ejele lakuleliyazwe kanti uhlale ethandazela ukubuyela ekhaya ephephile.

“Ekugcineni kumele ngikhokhele iphutha engilenzile futhi sengisamukele isijeziso sami. Ngiyazisola ngoba nani kumele nidlule ebunzimeni,” kubhala uNksz Nobanda.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars
Marc_02
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 36.
View Profile
umxhosa_126
I'm a 38 year old man looking to meet women between the ages of 23 and 38.
View Profile
EEMona
I'm a 39 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 30.
View Profile
IOL - dating
Kyra
I'm a 39 year old woman looking to meet men between the ages of 40 and 55.
View Profile
IOL - dating
Phillipine
I'm a 40 year old woman looking to meet men between the ages of 40 and 50.
View Profile
IOL - dating
candy954
I'm a 29 year old woman looking to meet men between the ages of 40 and 65.
View Profile