Advertisement
X

Angeke esaligqoka ijazi obeyofesela owobuphoyisa

BEKUMELE athole iziqu zobuciko ngo-Ephreli nonyaka oshone kwabayisikhombisa emuva kokuyofesela umsebenzi wokuba yiphoyisa lomgwaqo kwabangu-34 000 enkundleni iHarry Gwala, eMgungundlovu.

UMnuz Sanele Ngcobo (22) waseSobantu, khona eMgungundlovu ubenza unyaka wokugcina oNgoye, ushiye umndeni udangele njengoba engeke esathweswa imiyezane yakhe yezifundo zobuciko (BA in Arts).

UMNUZ SANELE NGCOBO (22) obewuthanda umsebenzi wokuba iphoyisa lo mgwaqo yize ebesezothola izigqu oNgoye. Credit: Group

Ubabekazi kaSanele uNksz Nonjabulo Ngcobo, uthe abakwazi ukuchaza ubuhlungu ababuzwayo njengoba eshone eyofesela umsebenzi abewuthanda.

“USanele waqeda ibanga leshumi wathi ufuna ukuba yiphoyisa lomgwaqo, ngathi kumele ayofunda esikoleni ukuze abe nekusasa.

“Yize ubefunda unyaka wakhe wokugcina oNgoye kodwa kuthe sekuvela ithuba lomsebenzi wamaphoyisa wafaka isicelo sakhe. Wayejabule ngendlela eyisimanga ngoba ubesezothola ithuba lokwenza into ayithandayo.

“Okubuhlungu kakhulu ukuthi ufike walahlekelwa impilo yakhe, manje ngeke esazithola neziqu zakhe,” kusho uNksz Ngcobo.

Cishe uSanele nguyena omncane kunabo bonke abashonile emuva kokugijima ibanga lika-4km ngemizuzu engu-30 ngoLwesine oludlule.

UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal wakhipha isitatimende sokuthi kuzoba nophenyo ngalokhu.

Umndeni wakhe ukhale ngesikhathi asihlala eHarry Gwala uSanele engakagijimi nothe okuningi kuzovela ocwaningweni lwesidumbu ukuthi ubulawe yini.

“Okusiphatha kabi wukuthi ufike ngehora lesithupha ekuseni kodwa waze wagijima ngehora lesithupha ntambama.

“Ubehambe ekhaya engenalutho, sabe sesithola ucingo ukuthi ungeniswe esibhedlela. Waphuthunyiswa wayohlizwa, kwaba ukushona kwakhe ngoLwesihlanu.

“Silinde umbiko kadokotela ukuze sithole ukuthi inkinga yaba kuphi ngalokhu kugijima,” kusho uNksz Ngcobo.

Umngani kaSanele, uNhlaka Khoza uthe usashaqekile namanje, wagxeka uMnyango ngokungahleli isikhathi esifanele sokuhlola abantu ngokubagijimisa.

“UMnyango kwakungamele ugijimise abantu elangeni elalishisa ngaloluya hlobo.

“Ngisho kwi-Comrades abantu bagijima ebusika ngenxa yokushisa kwelanga, namanzi bayanikezwa endleleni,” kusho uNhlaka.

Umndeni wakaNgcobo uthe izikhulu zoMnyango sezibavakashelile ukuzobhonga emswaneni futhi zacela nohlu lwezinto abazozidinga zomgcwabo.

USanele uzofihlwa ngoLwesihlanu.

Inhlangano emele amabandla iKwaZulu-Natal Christian Council nayo izwakalise ukuthi ifuna kuqokwe ithimba elizimele elizophenya ngalesi sigameko nefuna kubhekisiswe ukuthi kungamenywa kanjani abantu abangu-34 000, ekubeni kunemisebenzi engu-90.

UMnuz Kwanele Ncalane okhulumela uMnyango ubengatholakali ukuze aphawule.

SHOW ALL
Advertisement