‘Angikhumuli nje kungahleliwe’

Comment on this story
NO_sssssshhhota0 . USHOTA uthi ukukhumula kwakhe kusuke kusohlelweni

SIZWE BLOSE

UKHUTHAZA ukukhula kubaculi uMnqobi Mdabi odume ngelikaShota noyilungu leqembu le-Afro pop iShana.

Lo mculi ukhala ngokuthi kuba nabaculi abagidagida ndawonye baze bagcine sebephelela emoyeni, ngenxa yokuthi bagidagida entweni eyodwa nokwenza izinto zabo zingahleleki kahle.

Uthe kubalulekile ukuba nemicabango emisha ngaso sonke isikhathi uma ungumculi.

“Njengamanje abantu bebengazi ngoShota ocula izingoma ezithandwa kakhulu ngabantu abamnyama kodwa sengingasho ngingananazi ukuthi umculo engiwenzayo sewuzothokozelwa nangabantu belinye ibala okungabalwa abelungu, abomdabu baseNdiya kanjalo namakhaladi,” kuchaza uShota.

Uthe ngokubona ukuthi abantu ikakhulukazi abamnyama bayawuthakasela umculo wakhe, ube esebona kufanele ukuthi adlulele phambili ngokushintsha kancane isigqi afake nese-electro ezingomeni zakhe.

“Ngihlangane noDJ Euphonik we-5FM sabheka nje ukuthi singenzani ukufaka umculo wami kwezinye izinhlanga, wathi umculo othokozelwa ngabantu abaningi bezinye izinhlanga manje yi-electro, eshaywa ngabaculi abanjengoDavid Guetta,” kuchaza uShota.

Uthe babe sebengena estudyo bahlanganisa, njengamanje sebenengoma abayikhiphile kubukeka sengathi izinto zihamba kahle ngoba le ngoma ithokozelwa kakhulu uma eyicula.

UShota uthe kubalulekile ukuhlela izinto zakho ukuze uhehe abantu. Uveze ukuthi yena kunezinto ezincane azenzayo ukujabulisa abalandeli bakhe, njengokukhumula esiteji.

“Abantu abaningi bacabanga ukuthi ngivele ngikhumule nje kanti cha, kunabantu engisebenzisana nabo abayihlelayo le nto yokukhumula kwesingenhla. Uma kuwukuthi sengiyenze kakhulu yibona abangitshelayo ngoba nami angifuni ukuzithola ngenza into kanti abantu abasayifuni, ithimba lami lingibhekela konke,” kusho uShota.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.