Angimazi okuthiwa ngamdubula: Gwala

Comment on this story
NO NFP2case . ABALANDELI beIFP abakakhathali baselokhu befikile njalo uma kungena icala lamadoda okuthiwa ayathinteka ekubulaweni kwelungu lawo. Isithombe: BONGANI MBATHA

BAWINILE NGCOBO

INDODANA yomholi we-NFP oboshiwe ithi izitatimende ezithi yabonakala idubula iqulu le-IFP okwagcina ngokuthi kushone owesifazane ngenyanga eyedlule zingamanga futhi zakhiwe.

UMnuz Bonginhlanhla Gwala obesebhokisini lofakazi eNkantolo yesiFunda eThekwini izolo ecela ibheyili utshele inkantolo ukuthi akamazi nokumazi lo wesifazane owashona.

UGwala, onguNobhala wophiko lwentsha lwe-NFP eThekwini, uboshwe noyise, uMnuz Bhungu Gwala, umfowabo, uMnuz Celimpilo Gwala, uMnuz Sbusiso Ncengwa nonogada uMnuz Skhumbuzo Nxumalo.

Ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ngummeli wakhe u-Advocate Paul Jorgenson uGwala utshele inkantolo ukuthi akanawo amacala ake agwetshelwa wona futhi akanawo amanye awahambayo.

Uthe unezingane eziyisishiyagalolunye, unamatekisi amahlanu kusosesheni wakwaDukuza naseSinamuva.

Uthe uhlala efulethini eMhlanga uyarenta.

Uthe ngosuku okwabulawa ngalo uNksz Celiwe Shezi wayesefulethini cishe usuku lonke, waze wathola ucingo luvela kuyise ngesikhathi santambama lumazisa ukuthi sekukhona ukuhlasela okube khona ekhaya.

Uthe wabuza ukuthi isimo sinjani ngoba kwakusanda kubulawa umfowabo owayevala ikhethini, owadutshulwa ngumuntu owayengaphandle.

Uthe emuva kokuthola lolu cingo wanikela ekhaya exhumana noyise ebuza ukuthi angahamba yini ngomgwaqo uMalandela.

Uthe wapaka imoto emgwaqeni ongezansi, uMbuyazi wabe eseya ekhaya wafica amalungu omndeni wakhe emi egcekeni kubalwa noyise noNxumalo.

Uthe akazange amdubule umufi futhi akazange abophe uzungu lokuthi abulawe.

UGwala uthe unezibhamu ezimbili okuyi-shotgun ne-9mm, akekho oseke wathi akazinikele emaphoyiseni kodwa uma zidingeka angazinikela.

Uthe wenza izifundo zomthetho e-Unisa futhi uzoliphika icala ngoba unobufakazi obukhombisa ukuthi wayengekho kwenziwa leli cala. uselinde inkantolo iveze ubufakazi obukhomba ukuthi wayekhona.

Uthe angakujabulela ukuthi amaphoyisa ahambe nommeli wakhe ngoba akasawathembi, ayofuna izithombe ze-camera efakwe lapho ehlala khona ezikhombisa ukuthi wayenzani ngalolu suku.

Uthe angakwazi ukukhokha ibheyili ka-R5 000 futhi uzoyilandela yonke imibandela yebheyili anganikwa yona.

Phambilini eNkantolo uyise utshele inkantolo ukuthi wayenezibhamu ezimbili, esinye sebiwa ezinye sathathwa ngesikhathi ebanjwa inkunzi eMusgrave nyakenye.

Uthe wayengenabo ubudlelwane nekhansela alabulawa, uMnuz Themba Xulu, kodwa wayemvulele icala lokucekela phansi ihhovisi lakhe.

Kuqhume uhleko enkantolo ngesikhathi uGwala ethi umphenyi akakwazi ukuphenya emuva kokuthi uMshushisi, uMnuz Cyril Selepe, ethe umseshi uye kaGwala wathola ukuthi enye yamatekisi akhe isinonyaka ingahambi ngakho asikho isidingo sokuthi agade umsebenzi womshayeli wayo.

UGwala uthe itekisi lakhe elifile lisenenyanga likwa-Mercedes lapho likhandwa khona, kusebenza elilodwa.

Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuhlehliselwe u-Novemba 19 ukuze kuqhubeke uphenyo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.