Advertisement
X

‘Anginagqubu neChiefs’

MINENHLE MKHIZE

AKAYIBAMBELE igqubu iKaizer Chiefs uCeli Ndwandwe (20) osayine inkontileka yeminyaka emibili neFree State Stars ngemuva kokushaywa indiva yileli qembu laseNaturena okumenze wakhohlwa yindaba yalo.

ULIBONA liqhakazile ikusasa lakhe kuFree State Stars unozinti waleli qembu omusha uCeli Ndwandwe.Isithombe: BONGANI MBATHA

Leli phephandaba lisanda kubika ukuthi lo nozinti ubezothulwa njengomdlali weStars ngoLwesithathu (kuthangi) njengoba kugcine kwenzekile lokho.

UNdwandwe uzakhele igama echayisa abadlali be-Orlando Pirates ku-last 32 yeNedbank Cup ngesizini edlule lapho ezakhe, iThekwini Coastal zaguqa ngegoli elilodwa eKing Zwelithini Stadium.

Ngemuva kwalokho uthole isimemo sokuthi azozicija neChiefs isonto lonke kodwa yagcina imzibile.

“Akungiphathi kabi ukuthi iChiefs ayizange ingisayine ngoba angijahile ukuyodlalela amaqembu amakhulu. Ngazicija nabo bathi bazobuyela kimina kodwa bangabuya. Lokho kungifakele umfutho wokuthi kukhona lapho kumele ngisebenze khona ukuze ngikwazi ukuheha iso lamanye amaqembu. Ngijabule ngokusayina neFree State Stars engizimisele ukukhula kuyona njengomdlali,” kusho uNdwandwe odabuka eMlazi.

Lo nozinti ubegijima kuCoastal ephethwe nguLindani “Mantayi” Shezi. Leli qembu ligijima kuSafa eThekwini SAB League. UNdwandwe udlalile naseqenjini lokuthuthukiswa kwamakhono abafana abancane kuLamontville Golden Arrows. Uke wazama inhlanhla nakuBloemfontein Celtic.

“Ngeke ngijahe izinto ngoba ngikuqonda kahle ukuthi ngizobanga ijezi noKennedy Mweene ongukaputeni weqembu kanti udlalela izwe elingompetha base-Afrika. Uphinde wazikhombisa iqembu liklomelisa abadlali abenze kahle. Kona ngizimisele ngokufaka umbango kuyena kanjalo nokufunda ezinye izinto. Wonke umuntu ungamukele ngezandla ezintofontofo eqenjini ngakho sekusele kimina ukuthi ngisebenze ngokuzikhandla. Ikusasa lami liyakhanya la kuStars. Uma ngilithola ithuba ngizolibamba ngezandla zombili,” kusho uNdwandwe.

KuFree State uzobanga ijezi noMneene noTshepo Motsoeneng obevimba kuSantos ngesizini edlule. Ulandelwe ukuzovala isikhala sikaThulasizwe Khuzwayo ofunwa yiThanda Royal Zulu.

“Umehluko ngendlela izinto ezenziwa ngayo kuSAB naku-Absa Premiership ukhona futhi mkhulu. Nokho mina yinto engiyijwayele ukudlala nabadlali abasezingeni eliphezulu kwazise ku-Arrows bengike ngizilolonge neqembu elikhulu ngisadlala kwelincane. Ngingakujabulela ukungena eqenjini lesizwe le-Under 23. Ngiyajabula kakhulu ngokusebenza nomuntu ofana noSteve Komphela ngoba ungumuntu ovulelekile,” kusho uNdwandwe.

SHOW ALL
Advertisement