Gallo Images
UMQEQESHI we-Orlando Pirates |u-Augusto Palacios uthi akanandaba nalabo abacabanga ukuthi izomehlula iBucs ngoba unaso isipiliyoni sokuqeqesha. Isithombe: GALLO IMAGES
MINENHLE MKHIZE
UBASHAYA indiva abamgxekayo umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Augusto “Njenje” Palacios obhekene nenselelo yokuvala imilomo yabathi uzohluleka wukuvikela isicoco se-Absa Premiership.
UPalacios utshele Isolezwe ukuthi akekho umuntu aqophisana naye mayelana nomsebenzi kodwa imiphumela eza nayo izozisholo yona.
“Asikho isidingo sokuthi ngikhombise abantu ukuthi ngingakwazi ukuhola iqembu imidlalo engu-30 yeligi ngempumelelo. Nginesipiliyoni kulo mkhakha wokuqeqesha kwazise ngicije amaqembu afana neMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs neBafana Bafana. Abadlali bePirates ngiyabazi kanti ngeneme ngabasha abasayinwe ngusihlalo (Irvin Khoza). Ngiyacabanga ukuthi sizokwazi ukusivikela ngempumelelo isicoco seligi uma singasebenza kanzima njengoba senzile ngesizini edlule,” kusho uPalacios.
Lo mqeqeshi ukhuluma kanjena nje uLius Boa Morte obegijima kweZimnyama ngesizini edlule usanda kushiya angalazi ngoNjenje ohlelweni lukaRobert Marawa oluba ntambama kuMetro FM.
Lo mdlali oke wagijima naku-Arsenal yase-England uveze ukuthi noma yimuphi umqeqeshi ubengayicija iPirates ayinqobise isicoco seligi uma kubhekwa isikhathi uPalacios afike ngaso kuleli qembu. Uthe akukho obekwenziwa uNjenje ngoba umsebenzi omningi wenziwe nguJulio Leal onqobise iBucs izicoco ezimbili futhi ukholwa wukuthi ubezosidla (uLeal) neseligi.
UBoa Morte uphinde waveza ukuthi uPalacios ubekhuluma ngendlela engamukelekile kwabanye abadlali okubandakanya naye kanti indlela akhulume ngayo izwakalise ukuthi akamethembi ukuthi kukhona angakwenzela iBucs kule sizini ezoqala.
UPalacios odabuka ePeru ulandwe eqenjini lokuthuthukisa amakhono abafana abancane kuPirates isimo sishubile izinto zingahambi kahle ekhempini. Ufike imidlalo yeligi isiya ngasemaphethelweni ngemuva kokuthi uJulio Leal ekhonjwe indlela kulandela ukuhluleka wukubalula amaqhinga angayisa iqembu phambili. ULeal ucasule uKhoza ngesikhathi ewashiswa ijezi ekuseni emidlalweni yeCaf Champions League.
“Okumqoka kunakho konke kithina wukunqoba isicoco seligi. Ngeke sizifakele ingcindezi kodwa sizothatha umdlalo ngamunye ngobukhulu ubunono ngoba iligi ingumjaho. Abadlali engisayinelwe bona usihlalo baseqophelweni eliphezulu. Nokho ngeke ngikwazi ukuphawula ngabo bengakadlali. Engingakusho nje wukuthi wonke umuntu kumele alwele indawo yakhe eqenjini,” kusho uPalacios.
IPirates izovula imidlalo yeligi ngokubhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi ngo-Agasti e-Orlando Stadium. IBhakabhaka lisanda kusayinisa u-Onyekachi Okonko, Manti Maholo, Khethokwakhe Masuku, Ayanda Gcaba, Patrick Phungwayo noThabo Rakhale.
“Wonke amaqembu adlala nePirates afuna ukunqoba. Engigabe ngakho wukuthi la kuPirates sinesisekelo esikwaziyo ukwenza abadlali abasha nabaqe-qeshi basebenzisane kalula,” kusho uPalacios.
Kuzocaca ukuthi uNjenje uzokwazi yini ukuvala imilomo labo abamngabazayo noma uzosheshe azifakele isigcwagcwa ngokuhluleka ukuhlela izinto kuBucs.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services