Aphelile amaphupho ngomethuli omusha weTop Billing

Comment on this story
no Jonathan.JPG

NONHLANHLA MKHABELA

KUGCINE kuphelile ukuqagela ngozohlabana ngethuba lokuba ngumethuli omusha weTop Billing izolo kuphuma phambili insizwa yaseGoli uJonathan Boynton-Lee.

UJonathan uthi akakholwa ukuthi nguyena ophume phambili kangangokuba akakhumbuli nokuthi wenzeni ngesikhathi kubizwa igama lakhe.

“Engikukhumbulayo nje wukuthi umama uze kimi wangibamba ejabule. Ngale kwalokho angikhumbuli lutho. Angikaze ngeqiwe wumuzwa wenjabulo ngalolu hlobo, namanje akukagxili kahle emqondweni. Umlingisi uzizwa kanjani mayewina i-Oscar, umdlali wamaOlympic uzizwa kanjani uma ewina igolide? Akuchazeki , akukholakali,” kubeka uJonathan ngenjabulo.

Omunye wamajaji, uPatience Stevens, ophinde abe ngumdidiyeli wohlelo iTop Billing, uthe ukuqoka uJonathan kube yisinqumo esinzima kakhulu kunokwedlule kwazise ithalente belisezingeni eliphezulu kakhulu.

“Kusukela ekuqaleni, sabona okuthile okukhethekile ngaye, ikakhulukazi indlela ayekhuluma ngayo esuka enhliziyweni kodwa njengabanye udluliswe ezigabeni zakhe saze saba nesiqiniseko sokuthi uyilokhu esikufunayo ngqo,” kubeka uPatience.

UJonathan ubona ukuthi okumbeke emathubeni angcono kunabanye ukuthi wafundela ukulingisa nobuntatheli bethelevishini enyuvesi yaseRhodes okwenze namajaji abona ukuthi akakwesabi ukuzama izinto ezintsha nokungadangali uma izinto zingahambi ngohlelo.

Wazakhela ugazi ngesikhathi exoxa noMarisa Drummond (Kimberly) weSidingo, wachaza nezintombi eziningi ngesikhathi eshaye ezincane zokubhukuda kwiMy Top Billing Dream Fashion Show.

Ijaji, uPatience, lihalalisele nabanye ababekulo mncintiswano wathi nabo bayizihlabani ngokwabo.

UJonathan kade eseqophisana noZama Ngcobo, Chamendran Naidoo noLynell Kenned.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.