Advertisement
X

'Asifuni ukufaniswa neligi yaseMzansi'

AKAFUNI nokuyizwa eyokuqhathaniswa kweligi yaseZambia ne-Absa Premiership umqeqeshi weZesco United uGeorge Lwandamina.

NgoMgqibelo ngo-7 ebusuku iTeam YaZiko izodudulana neMamelodi Sundowns emlenzeni wesibili womdlalo we-semi final yeCaf Champions League eLucas Moripe Stadium, ePitoli.

GEORGE LWANDAMINA. Credit: Backpagepix

IZesco ihamba phambili ngo 2-1. Emlenzeni wokuqala inqobe ngamagoli amabili kaJackson Mwanza kwathi elokubika leSundowns lashaywa nguKhama Billiat.

ISundowns idinga ukunqoba ngo 1-0 ukuze ikwazi ukudlulela emdlalweni wamanqamu. Ingase ibhekana neZamalek yase-Egypt kowamanqamu kwazise ihamba phambili ngo 4-0 njengoba ibhubhise iWydad Casablanca yaseMorocco emlenzeni wokuqala.

IZesco isalele emuva ngemidlalo yisithupha kwiligi yaseZambia njengoba iFootball Asociation of Zambia (FAZ) iyinike isikhathi esanele sokuthi ilungiselele imidlalo yeChampions League.

“Iligi yethu ayifani neyaseNi-ngizimu Afrika. Indlela nina enenza ngayo izinto ayifani nesenza ngayo lapha eZambia. Ikhalenda lethu alifani nelethu. Ngakho asingayiqhathanisi iligi yaseNingizimu Afrika neyaseZambia. Nathi siyadlala ngoLwesithathu nangoMgqibelo. Akuyona iligi yaseNingizimu Afrika yodwa lapho kudlalwa khona phakathi nesonto nangezimpelasonto. Thina akekho umuntu osenzele ufefe. Uma besenzele ufefe basenzele ufefe ngayiphi indlela?” kubuza uLwandamina.

Ngakolunye uhlangothi iPremier Soccer League (PSL) yale yaphethe ukuhlehlisa imidlalo yeSundowns yeligi neyeMTN 8. Leli qembu libhekene nenqwaba yemidlalo elandelanayo. Umqeqeshi weSundowns uPitso “Jingles” Mosimane useyiqambe igama elisha indlela yabo ayifanisa nebheke empumelweni.

“Mfowethu ngeke ngande kakhulu ngoba wena owalapha eZambia (ephendula intatheli yaseZambia). Ekhaya indlela yethu ebheke empumelelweni sesiyiqambe igama elisha. Siyibiza ngokubhekana nezimbila zithutha. Ukukhala akuyona into esizimisele ngokuyenza kodwa ukubhekana nesimo esiphambi kwethu,” kusho uMosimane.

ISundowns neZesco babheke ukuqeda ishobolo leminyaka engu-21 kwagcina ukuba neqembu laseNingizimu ne-Afrika eliphakamisa isicoco seChampions League. I-Orlando Pirates iyona eyagcina ukudla isicoco seChampions League ngo-1995.

SHOW ALL
Advertisement