Asisahlehleli emuva ngokhetho: Dube

Comment on this story

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNksz Nomusa Dube uthi kumi ngomumo ngamalu-ngiselelo okusingathwa kokhetho lwezindlu zezifunda zobuholi boMdabu oluzoba kusasa.

UNksz Dube uthe njalo ngemuva kweminyaka emihlanu kumele kubunjwe kabusha izindlu zobuholi bomdabu ezifundeni, bese amakhosi ekhetha abazoba ngamalungu.

“Lezi zindlu zobuholi bomdabu zibalulekile ngoba zisebenzisana nohulumeni ukuze kulethwe izidingo zomphakathi,” usho kanje.

UDube uthe abaholi bomdabu babambe iqhaza elibalulekile ekulethweni kwezidingo emphakathini.

“Okuzokwenzeka uma kuhlangana kabusha izindlu zomdabu, kuzofungiswa kabusha amakhosi angamalungu ezindlu ngemuva kwalokho inhlangano eyengamele ukhetho i-IEC izobe isiba nokhetho lwalawo makhosi azomela indlu ngayinye esifundazweni nalabo abazobamba izikhundla,” usho kanje.

Uthe ngenxa yokubaluleka kwalolu khetho nomncintiswano ophezulu wezikhundla, sekuqiniswe ezokuphepha kanti nongqongqoshe besifundazwe batshalwe kuzo zonke izifunda ukuba bayoqapha isimo.

Uthe kuyabajabulisa ukubona abaholi bendabuko befaka isandla ekulweni nobubha nokuletha intuthuko emiphakathini.

“Uhulumeni ubheke ukuthi izindlu zabaholi bomdabu zihambe phambili ukugqu-gquzela imiphakathi ukuba ilime ukuze izondle. Yilezi zindlu futhi okufuneka zibambe iqhaza uma kuphasiswa imitheshwana ikakhulukazi ethinta ukusetshenziswa komhlaba ezindaweni zamakhosi.

UNksz Dube uthe ngemuva kokukhetha abaholi bezifunda kuzobe sekwakhiwa kabusha indlu yabaholi bomdabu yesifundazwe kukhethwe nabazobamba izikhundla eziphezulu njengesikaSihlalo okumanje sibanjwe yiNkosi uMnuz FB Bhengu wesizwe sakwaNgcolosi, wengeza ngokuthi ushisa phansi umbango kulesi sikhundla esasiphethwe nguMntwana waKwaPhindangene Inkosi Mangosuthu Buthelezi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.