MAKUYE ngamagama enkehli emakhanseleni asanda kungena ezikhundleni emva kokhetho lohulumeni bezindawo obelungo-Agasti nonyaka.
Lona ngumyalezo ogqame kakhulu enkulumeni kaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN, uNkk Nomusa Dube-Ncube ngesikhathi ekhuluma namakhansela izolo.
UNkk Dube-Ncube ubekhuluma emhlanganweni wokufundisa amakhansela ngomsebenzi wawo obusemahhovisi oMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi eMayville, eThekwini.
Utshele amakhansela ukuthi mawaqale asebenzele umphakathi okuyiwona owakhethe ngokuwethemba.
"Ninomthwalo wokufeza umsebenzi wenu oshicilelwe kuMthethosisekelo. Kufanele nifeze izidingo zabantu abanikhethile ngoba bathembele kini,’’ kusho uNkk Dube-Ncube.
Uphinde wakhuza kakhulu amakhansela alibala wukuzikhukhumeza eqhosha ngamaqembu ezepolitiki emkhandlwini.
"Ake sehlukane nokuhambisa ipolitiki phambili bakwethu emkhandlwini. Akusho lutho ukuthi usuka kuliphi iqembu okubalulekile ngukusebenzela abantu, ngakho-ke awuphele umkhuba wokuqhoshelana,’’ kusho uNkk Dube-Ncube.
Ukhulume kakhulu nangamakhansela ajaha impilo entofontofo ebe engasebenzi, wathi isikhathi salokho siphelile kumele kubekwe abantu phambili. Uthe kumele amakhansela akhohlwe yindaba yokupepenyeka ngamabhanoyi eya phesheya.
"Kunomkhuba omubi wokuthi sithi singena isikhulu ehhovisi sibe sifuna imoto entsha, ukulala emahhotela abizayo nobhukhazikhazi. Akuyona into okhethelwe yona leyo,’’ kusho uNkk Dube-Ncube.
Uphinde waphawula kakhulu nangemibhikisho yomphakathi osuke ufuna ngodli izidingo zawo, ebalula ukuthi kokunye kusukuke kungamaphutha amakhansela angaxhumani kahle nomphakathi.
"Kufanele ubatshele abantu obaholayo ukuthi izinhlelo zakho zihamba kanjani futhi sinjani isimo emkhandlwini. Abantu babuye bahluleke ukusibekezelela ngoba akekho obachazelayo,’’ kusho uNkk Dube-Ncube.
Unxuse namakhansela ukuthi uma eze emihlanganweni kumele azazi izinto azokhuluma ngazo hhayi ukuthi alokhu ezochitha isikhathi.
"Abanye bafika emhlanganweni bengazi nokuthi bazothini bafike bahuqe ubuthongo, balibale amaselula abo, uvele ubone ukuthi ayikho le nto,’’ kukhala uNkk Dube-Ncube.
Okunye okuvelile enkulumeni yakhe ngukubaluleka kokuqasha abantu abaneziqu ezifanele nabanamakhono.
“Kuyenzeka uthole umuntu eyikazela enenqwaba yeziqu kodwa uma kufanele asebenzise ulwazi lwakhe lusisize, ziyime emthumeni. Kufanele ukufunda kwakho kusize ukuqhamuka namaqhinga okuletha izidingo zabantu,’’ kweluleka ungqongqoshe.
Ube esewaqinisa idolo amakhansela ngokuthi uma enenkinga anganqeni ukumthinta uhlale evule izandla ngaso sonke isikhathi.