‘Awagcwaliswe ngeqiniso amafomu akwa-Sars’

Comment on this story
no Copy of ct budget_DSC7747 INLSA Mnuz Pravin Gordhan

INTATHELI YESOLEZWE

ABANTU baseNingizimu Afrika sebenxuswe ukuba bawagcwalise ngeqiniso nangokwethembeka amafomu ezentela akwaSouth African Revenue Service (Sars) kulo nyaka ka-2012.

UNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Pravin Gordhan (osesithombeni) utshele abezindaba epitoli izolo wathi bazowukhomba umuzi onotshwala abazogcwalisa amafomu entela ngemininingwane engamanga.

Uthe bazothathelwa izinyathelo zomthetho baphinde bahlawuliswe enkulu imali.

“Ukuze uhulumeni akwazi ukuletha izidingo kubantu, kukwazi nokuthi abantu abahlwempu baseNingizimu Afrika bahlomule kule mali yentela ekhokhwa ngabantu bakuleli, sizama ngakho konke okusemandleni ukubuyisa ukwethembeka kubantu ngendlela yokuthi bakwazi ukusho iqiniso baveze imali abayiholayo, bangaqambi amanga. Sibuyisa ubuntu obuzokwenza ukuthi yilowo nalowo akwazi ukwenza into acabangele nabanye,” kusho uGordhan.

Isigaba salo nyaka sokukhokhwa kwentela yisikhathi lapho umuntu nomuntu kudingeka alethe i-Income Tax Returns yonyaka. Isigaba sokuqoqwa kwentela yalo nyaka siqale kuyo le nyanga.

“Kunabanye abantu abangavezi iqiniso ngemali abayitholayo. Bonke labo abaqamba amanga bazothathelwa izinyathelo ezinqala, kuzosebenza umthetho,” kusho uGordhan.

Izolo uKhomishana kwaSars, uMnuz Oupa Magashula, uveze izindlela eziningi zobuchwepheshe obuzokwenza kube lula ukugcwaliswa kwamafomu entela kulo nyaka. Ubale ukusetshenziswa kwama-SmartPhones, eFiling Application nama-iPads.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.