INYANGA yentsha ibaluleke kakhulu ezweni lethu ngoba sonke sikhumbula indlela abantu abasha abashintsha ngayo umlando wakuleli ngokubhikishela ukufundiswa ngolimi lwesibhunu ezikoleni.
Yebo, kwaba buhlungu ngoba baningi abasala enkundleni, abanye baya ekudingisweni lapho abanye banyamalala kwangaziwa ukuthi bashonaphi ngoba namaphoyisa ayengazibekile phansi.
Konke lokhu siyakukhumbula futhi sibonga igalelo lentsha ekuguqiseni uhulumeni wobandlululo.
Kukho konke lokhu intsha ayikhululekile ngoba ihlangabezana nolunye uhlobo lobandlululo; ukuswela imisebenzi, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ukukhulelwa kwabafundi emabangeni aphansi, izifo ezithathelanayo njengengculazi nobugebengu.
Lokhu kwenza ukuthi impi yokulwela inkululeko iqhubeke iye phambili. Zonke izinkulumo ezikhona ngalesi simo zikhomba ukuthi sisasola uhulumeni wobandlululo.
Ngizothanda ukwehluka kancane ngokuthi empeleni sengathi singadlula ekutheni sisole amabhunu ngesimo sethu, siqale ukuthola izixazululo engicabanga ukuthi zilele kithina ngoba ajabule ayafa amabhunu uma ebuka okwenzekayo ezweni.
Ngivumelana nombono othi kumele intsha iqale ukungena kwezamabhizinisi ngoba imisebenzi ayibonwa. Isibonelo salokhu ngisibona kubantu abaphuma emazweni akwezinye izingxenye ze-Afrika abathi uma befika kuleli babona ukuthi ayikho enye indlela yokuziphilisa ngaphandle kokuthi baqale ukuhweba. Lokhu kukhombisa ukuthi kuyenzeka.
Kungakuhle ukuthi yize abantu abasha befundela iziqu baqale ukucabanga ukuthi bangadala kanjani imisebenzi ukuvimba ukubabona behlezi emakhaya iminyaka bengasebenzi.
Kukhona abathi asikhohlwe ngezohwebo ngoba kumele kubuye umhlaba owathathwa ngesikhathi sobandlulo.
Laba bantu abasha bakhuluma ngomfutho omkhulu futhi balwela ukuthi umhlaba kufanele ubuyele kubantu.
Umbuzo wami uthi uma sewubuyile bazowenzani. Kumanje uhulumeni uqala uhlelo lokuthi labo abangawusebenzisi umhlaba bawudlulisele ebantwini abasha abazongena kwezolimo.
Ngithemba ukuthi labo abazohlomula kulokhu ngabantu abanothando lwezolimo futhi abakufundele lokhu bazokwazi ukuthi bakhiqizele ukudayisela namazwe angaphandle imikhiqizo yabo.
Lokhu kuchaza ukuthi kudingeka abantu abangenqeni ukugqoka amabhuzu nama-overall basebenze.
Kuphinde futhi kube khona abazokwakha eminye imikhiqizo kulokho okuzobe kutshaliwe noma okufuyiwe emapulazini. Kuyacaca ukuthi sincane isikhathi samaqhoks nomswenko kulo msebenzi.
Ngikusho ngoba intsha icabanga ukuthi ukuphumelela kuyazifikela umuntu egoqe izandla, kanti cha, wonke umuntu ome kahle uyisebenzela kanzima imali yakhe.
Angisho labo abathola imali yamathenda bengakaze benze lutho.
Kuyacaca ukuthi yonke into enhle esiyifunayo empilweni kumele sizilungisele yona ngokuyifundela, ukuthola ulwazi olubanzi ngayo noma ukusiza labo abakuleyo mboni ukuze sithole isipiliyoni.
Nomfundisi kuthiwa ulindwa ngeculo.
Asikwazi ukukhala ngemisebenzi ekubeni singenawo amakhono.
Impi yokuqala ekumele siyinqobe ngeyokuthi sithole amakhono angajwayelekile adingekayo ezweni. Izifundo ze-HR neze-computer ezikhangiswa njalo uma kuqala unyaka ngeke zikusifikise ndawo ngoba baningi abafundele lezi zifundo.
Kwesinye isikhathi kutholakala ukuthi lezo zikhungo azikho emthethweni. Abantu be-computer abadingekayo ngabantu abasezingeni eliphezulu abakwazi ukusebenzisa yona i-computer ukuxazulula izinkinga ezikhona ezifana nokulinda kwabantu emigqeni emide isikhathi esithe belinde ukuthola amaphilisi. Konke lokhu kuyenzeka ngabo ubuxhakaxhaka bekhompyutha.
Uma ulandela isiphiwo sakho nento othanda ukuyenza, nakanjani uzokujabulela okwenzayo futhi ukwenzisise. Ungawubukeli phansi umsebenzi wezandla.
Ukuthula!