Ayidlale ekwaziyo iBafana – Zuma

Comment on this story
no jzdlala . UMENGAMELI uJacob Zuma, obevakashele iBafana Bafana izolo e-Orlando Stadium, etshengisa abadlali ukuthi kumele balithinte kanjani ngoMgqibelo uma sebebhekene neCape Verde emdlalweni wokuvula we-Afcon eNational Stadium ngo-6 ntambama. UZuma uthe iBafana ingabalaleli labo abayigxekayo. Isithombe: GALLO IMAGES

INTATHELI YESOLEZWE

UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uJacob Zuma usole labo abagxeka iBafana Bafana yize bengakaze balikhahlele ibhola ngesikhathi evakashele iqembu likaGordon Igesund e-Orlando Stadium izolo ekuseni.

UZuma uhlangane neBafana ezoyifisela inhlanhla ngaphambi kokuqala kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) ngempelasonto.

IBafana izovula lo mqhudelwano ngeCape Verde ngoMgqibelo eNational Stadium ngo-6 ntambama.

“Baningi abagxeka iqembu. Ngibatshelile ukuthi abanye babo (abagxekayo) abakaze balithinte ibhola. Abazi kunjani ukuba lapha,” kusho uZuma.

Ubekhuluma nabezindaba ephahlwe wuNgqongqoshe wezeMidlalo, uFikile Mbalula, ngemuva kokuhlangana neBafana eceleni.

“Size lapha ukuzobatshela ukuthi abakhululeke. Abangalaleli labo abagxekayo. Abadlale lokhu abakwaziyo,” kusho uZuma.

Umengameli uthe ucele ukuyibamba indebe ye-Afcon.

“Bengifuna ukuyizwa (indebe). Ukuyithinta kusho ukuthi kumele ngibe khona ngosuku lwamanqamu futhi siyithathe.”

Uveze ukuthi ugculisekile ngokuthi iqembu selikulungele ukudlala.

“Uma ulazi ibhola, kumele ubheke ukuthi zonke izindawo ziyasebenza enkundleni. Lokhu kuzokwenza ukuthi ukwazi ukushaya amagoli,” kusho uZuma.

Ngesikhathi uZuma engena enkundleni ukuyothatha izithombe neqembu, abadlali bamamukele ngengoma yakhe, ethi Awulethe Umshini Wami. Bamuphe nejezi leBafana elibhalwe igama lakhe.

UZuma ube eseyivala ngokunxusa iNingizimu Afrika yonke ukuthi yeseke iBafana ku-Afcon, ezophela ngoFebhuwari 10 okudlalwa ngawo owamanqamu khona eNational Stadium eGoli.

Ngemuva kokudlala owokuvula kule nkundla iBafana Bafana izobe isithuthela eThekwini, lapho izodlala khona ne-Angola ngoJanuwari 23 eMoses Mabhida Stadium bese izobhekana neMorocco kuyo le nkundla ngoJanuwari 27.

Uma lidlulela phambili kulo mqhudelwano lizodlala ama-quarterfinal ne-semi final khona eThekwini.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.