Ayikacaci eyamaholo othisha baGrade R

Comment on this story

MHLENGI SHANGASE

BAZOWUQALA kabi unyaka othisha bakwaGrade R KwaZulu-Natal abasadunguza ebumnyameni ngendaba yamaholo okungakacaci ukuthi imali bazoyinyuselwa nini.

Indaba yalabo thisha ibe segudwini befuna ukunyuselwa umholo abe ngu-R6 000 esuka ku-R4 000 okumanje bayawuhola.

Othisha bakwaGrade R abakwazi ngisho ukuthatha ilivu, uma beyobeletha abakwazi ukuhlala izinyanga ezine kodwa babeletha babuyele emsebenzini.

Abanalo ngisho ikhefu lokuyofunda, noma elokugula kanjalo nemihlomulo yokuthenga imizi engu-R800 abanayo.

Uma begula baya emitholampilo ngoba nama-medical aid abanawo kodwa yibona bantu abafundisa isisekelo semfundo njengoba becathulisa umfundi osuke ezoqala ukufunda.

Ucwaningo olwenziwayo luveza ukuthi umfundi oqala enze uGrade R wenza kahle kakhulu uma esefika kwaGrade 1.

NoMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma walincoma iqhaza lalabo thisha njengoba kuyibo abantu abacathulisa izingane kodwa yibona bantu abashiywe ngaphandle ekubhekelelweni.

UMnuz Allen Thompson, oyiPhini likaMengameli weNatu, uthe kunzima kakhulu kulabo thisha ngoba bashaywa indiva abacatshangelwa ekubeni nabo befana nozakwabo bamanye amabanga.

Uthe balwela ukuthi okungenani bahole u-R6 000 babe ne-medical aid yamahhala kwaGems futhi babe nayo yonke imihlomulo etholwa ngabanye ngoba yibona bantu ababaluleke ukudlula bonke othisha.

“Labo thisha babalulekile ngoba ingane ngeke ifike kwaMatric ingazange idlule kubona. Yibona bantu abanganakiwe kodwa ngoba namanje indaba yabo ayicaci, abazange banyuselwe nemali nyakenye. Sizohlangana nabo bonke abaholi bezinye izifundazwe siyise lolu daba kwikhomishini exazulula izindaba zabasebenzi ngoba yilapho sicabanga ukuthi lungalunga khona,” kusho uThompson.

UDkt Nkosinathi Sishi, oyiNhloko yoMnyango wezeMfundo esifundazweni, uthe indaba yalabo thisha yadluliselwa emkhandlwini obhunga ngezindaba zamaholo, i-Education Labour Relations Council ukuze ilucubungule.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.