ayikakangeni kahle emakethe i-kuga

Comment on this story
no kgs inlsa SEKUNESIKHASHANA yethuliwe kwa-Ford iKuga kodwa namanje kubonakala kusewumqansa ukuthi ingene igamanxe emakethe yezimoto. Iyabukeka yase idla ngesikhala esikhulu ongalayisha kuso impahla ngemuva ikakhulukazi uma izihlalo zilalisiwe

KUZOMELE bazibambe ziqine kwa Ford uma bezimisele ngokuthi iKuga okuseyimoto entsha yakhona ingene ngokugcwele emakethe yezimoto. Lokhu ngikusho ngoba sekunezinyanga beyethulile kodwa akubonakali mnyakazo otheni ngayo emakethe, esikhundleni salokho kubonakala kuhamba kakhulu iFord Ranger. Noma kunjalo kodwa iKuga imoto “emnandi” emgwaqeni. Okubuye kwengeze lokho ukuthi le moto ine Intelligent' AWD.

Injini yayo ingu 2.5-litre Duratec Turboisebenzisa upetrol.

Le njini ikhiqiza amandla afinyelela ku 147kW kanye ne torque engu 320Nm. IFord Kuga iyi All-wheel Drive (AWD), kodwa kwa Ford bazishaya isifuba ngokuthi abagcinanga nje kuphela ngokwakha imoto ephakeme, kodwa babuye bafaka nesitayela kuyo.

Isikhulu sezokukhangisa kwa Ford uGavin Golightly, uthi le moto yabo ayidlile nje kuphela ngobuhle kodwa iwubuthebelele, ithembekile nasemgwaqeni.

Ubuchwepheshe be intelligent AWD busebenzisa kakhulu amasondo angemuva ukuqhwanda ngaleyo ndlela imoto ikwazi ukonga upetrol.

IKuga izotholakala kuphela ngenjini engu 2.5-litre Duratec Turbo esebenzisa upetrol kanye ne Durashift 5-tronic ezishintshayo.

no kgs1 SEKUNESIKHASHANA yethuliwe kwa-Ford iKuga kodwa namanje kubonakala kusewumqansa ukuthi ingene igamanxe emakethe yezimoto. Iyabukeka yase idla ngesikhala esikhulu ongalayisha kuso impahla ngemuva ikakhulukazi uma izihlalo zilalisiwe inlsa

Ijubane eliphezulu lale moto lingu 202 km/h, kanti ngebanga elingu 100 km iyakwazi ukusebenzisa upetrol ongu 10.3 wamalitha.

Ziningi izinto ezenza iKuga ihluke kwezinye izimoto ezisesigabeni sayo njengamalambu ayo, indlela okwakhiwe ngayo ibhonethi yayo ongafunga ukuthi yakhelwe khona emotweni, amapayipi amabili angemuva.

IKUGA KWEZOKUPHEPHA

Njengezinye izimoto zakwa Ford nayo iKuga ayisalanga ngaphandle ekutheni baqinise kakhulu kwezokuphepha kuyo ngoba bheka nje iphuma nama-disc brakes ukuqinisekisa ukuthi uma umshayeli efaka amabhuleki ibamba ngqi.

Okunye abakwengezile kwezokuphepha i-Anti-lock Braking System (ABS) ehambisana ne-Electronic Brakeforce Distribution (EBD), i- Electronic Stability Programme (ESP) ene Anti Rollover Mitigation (ARM) kanye ne Electronic Brake Assist (EBA). Abazange nje baqinise kwezokuphepha kuphela, kodwa nobuchwepheshe besimanje njengebhathini lokudumisa ovele ulichofoze nje, kanjalo ne-cruise control ne-Bluetooth.

Njengoba kuzongena ubusika nje kulabo abazobe behamba nge Kuga bazowezwa ngendaba amakhaza ngoba izihlalo zangaphambili ziyakwazi ukuthi zifudunyezwe ngokucindezela nje inkinobho. Yonke into isebenza ngogesi kule moto.

Ama-wiper akudingi ukuthi uze uwashaye uma liqala ukuna izulu ngoba ayazisebenzela njengoba anama sensa, iphuma ne air conditioning, kanye nama sensa okupaka ngemuva kodwa atholakala kuphela kwiKuga yohlobo lwe-Titanium.

IZINTO EZITHOLAKALA KUYO NGOKWENGEZA IMALI

Ungakwazi ukuyithola namasondo angu 17 inch ahambisana nerimi lakwa Ford, kanye nokhakhayi okwazi ukuthi ubone isibhakabhaka uphakathi emotweni ipanoramic glass roof etholakala kuphela kwi Titanium. Iphuma ne warranty yeminyaka emine emuva kuka 120 000 km kanye ne-service plan yeminyaka emine emuva kuka 120 000km. Akugcini lapho kodwa kukhona ne-roadside assistance esiza kakhulu uma wehlelwe inkinga usendleleni ngoba uyakwazi ukuthola usizo lokuthi imoto ilungiswe noma idonswe uma kungaphezu kwamandla. Lolu sizo luba ngolweminyaka emithathu kuphela.

AMANANI

Kuga 2.5 Turbo Trend AWD Auto R375 000

Kuga 2.5 TurboTitanium AWD Auto R395 000


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.