Ayimchazanga ingqephu kaJuly uTlale

Comment on this story
no July~3 INLSA U-DAVID Tlale uthi usekhathele wukubona indwangu yokuhlobisa emicimbini i-organza ezimpahleni zabasiki bengqephu baseThekwini. Lapha uthathwe nomethuli wezinhlelo zethelevishini uBridgett Masinga

BONISWA MOHALE

UMSIKI wengqephu ohlonishwayo kuleli uDavid Tlale uyigxekile imfashini yabasiki bengqephu baseThekwini njengoba ethi ukhathele yindwangu yamakhethini neyokuhlobisa amatafula ahlale eyibona ezingutsheni zeVodacom Durban July.

UTlale ukhulume kanje ngesikhathi ejaja izimpahla ebezithungwe ngabasiki bengqephu kwi-Durban July, ngoMgqibelo.

“Imfashini ngiyazi ukuthi ikhuluma ngobuciko, ngokukhululeka nangokunye okuningi kodwa-ke eThekwini ngihlale ngibona indwangu eyodwa ebizwa nge-Tafetta ne-Organza okuyindwangu yokuhlobisa emicimbini. Angazi noma abantu baphelelwe yizitayela yini,” kubeka uTlale.

Ubuye waveza ukuthi indikimba ethi A Material World yize igqugquzela ukongiwa kwemvelo kepha ibingasho ukuthi wonke umuntu akenze imisiko ehambisana nezigqoko okungathi yihlathi noma yizingadi abantu baze bafake ngisho nompompi bokuchelela emakhanda.

“Yindikimba enhle lena ethi A Material World kodwa-ke eThekwini ngicabanga ukuthi abazange bakhumbule ukuthi benza izimpahla ezizogqokwa ngabantu.

no Durbn BEKUBONAKALA imigilingwane efana nalena kuDurban July abantu bezama ukuhambisna nengqikithi yomswenko INLSA

“Uyabona nje yizingadi, utshani nokunye okuyiyonanto egcwele la. Kuhle khona ukuthi bavikela imvelo kodwa bebengenza kangcono kunalokhu abakwenzile,” kusho uTlale.

Yena ubegqoke ibhulukwe likadangara elimnyama nemijiva esajazi eliphephezelayo elimnyama.

Ebuzwa ukuthi kungani nakulo nyaka egqoke umbala omnyama kwi-Durban July uzithethelele ngokuthi lo mbala muhle ngoba ungena kuyo yonke indawo.

“Uma uza kwi-Durban July ufuna ukubona konke okuzobe kwenzeka kusukela kwimfashini, ubumnandi bomculo namahhashi. Awufuni ukugqoka into ezokwenza ungakhululeki, yingakho-ke ngizigqokele umbala omnyama nezimpahla ezingikhululayo.

“Umbala omnyama muhle futhi uyakugqamisa ngendlela ehlelekile,” kusho uDavid.

Noma eyigxekile imfashini yakulo nyaka kodwa uncome imfudumalo abahlale beyinikezwa ngabantu baseThekwini nesimo sezulu esihlale sifudumele uma kunomjaho we-Durban July.

no durban1~1 LENA ngeminye yemisiko ebigxekwa ngumsiki wengqephu odumile uDavid Tlale. Izithombe: THOKOZANI NDLOVU INLSA

Lo mcimbi uphethwe ngeminye ezindaweni ezahlukene izolo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.