CLOSE AD
Advertisement
logoSections

Ayimchazanga ingqephu kaJuly uTlale

BONISWA MOHALE

UMSIKI wengqephu ohlonishwayo kuleli uDavid Tlale uyigxekile imfashini yabasiki bengqephu baseThekwini njengoba ethi ukhathele yindwangu yamakhethini neyokuhlobisa amatafula ahlale eyibona ezingutsheni zeVodacom Durban July.

U-DAVID Tlale uthi usekhathele wukubona indwangu yokuhlobisa emicimbini i-organza ezimpahleni zabasiki bengqephu baseThekwini. Lapha uthathwe nomethuli wezinhlelo zethelevishini uBridgett Masinga. Credit: INLSA

UTlale ukhulume kanje ngesikhathi ejaja izimpahla ebezithungwe ngabasiki bengqephu kwi-Durban July, ngoMgqibelo.

“Imfashini ngiyazi ukuthi ikhuluma ngobuciko, ngokukhululeka nangokunye okuningi kodwa-ke eThekwini ngihlale ngibona indwangu eyodwa ebizwa nge-Tafetta ne-Organza okuyindwangu yokuhlobisa emicimbini. Angazi noma abantu baphelelwe yizitayela yini,” kubeka uTlale.

Ubuye waveza ukuthi indikimba ethi A Material World yize igqugquzela ukongiwa kwemvelo kepha ibingasho ukuthi wonke umuntu akenze imisiko ehambisana nezigqoko okungathi yihlathi noma yizingadi abantu baze bafake ngisho nompompi bokuchelela emakhanda.

“Yindikimba enhle lena ethi A Material World kodwa-ke eThekwini ngicabanga ukuthi abazange bakhumbule ukuthi benza izimpahla ezizogqokwa ngabantu.

“Uyabona nje yizingadi, utshani nokunye okuyiyonanto egcwele la. Kuhle khona ukuthi bavikela imvelo kodwa bebengenza kangcono kunalokhu abakwenzile,” kusho uTlale.

Yena ubegqoke ibhulukwe likadangara elimnyama nemijiva esajazi eliphephezelayo elimnyama.

Ebuzwa ukuthi kungani nakulo nyaka egqoke umbala omnyama kwi-Durban July uzithethelele ngokuthi lo mbala muhle ngoba ungena kuyo yonke indawo.

“Uma uza kwi-Durban July ufuna ukubona konke okuzobe kwenzeka kusukela kwimfashini, ubumnandi bomculo namahhashi. Awufuni ukugqoka into ezokwenza ungakhululeki, yingakho-ke ngizigqokele umbala omnyama nezimpahla ezingikhululayo.

“Umbala omnyama muhle futhi uyakugqamisa ngendlela ehlelekile,” kusho uDavid.

Noma eyigxekile imfashini yakulo nyaka kodwa uncome imfudumalo abahlale beyinikezwa ngabantu baseThekwini nesimo sezulu esihlale sifudumele uma kunomjaho we-Durban July.

Lo mcimbi uphethwe ngeminye ezindaweni ezahlukene izolo.

SHOW ALL
Advertisement
Twitter Olympics Feed