FANELESIBONGE BENGU
AZOQALA ukudayiswa ngesonto lokuqala enyangeni ezayo amathikithi ekhonsathi yokuqopha iDVD yomculi wowokholo uSfiso Ncwane owagcina eminyakeni engu-12 edlule ukuyikhipha.
Lokhu kudalulwe yimenenja yalo mculi ebuye ibe yinkosikazi yakhe, uNkk Ayanda Ncwane, othe le khonsathi izoba seNkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) ngo-Okthoba 27.
Ukulungiselela ukuqopha le DVD, uSfiso one-albhamu ethi Kulungile, wenza inhlolokhono eBat Centre ngenyanga edlule lapho ayethungatha khona abaculi abangu-25 abazohlanganisa ibhendi ezomelekelela ekuqopheni le DVD.
“Akubange kusenzeka ukuthi sithathe abaculi abangu-25 ngoba kwakunzima ukubanciphisa sisuka ku-200. Okwenzeka wukuthi sigcine sesithatha abangu-35 ngoba bonke banethalente elimangalisayo lokucula,” kusho uNkk Ncwane.
Uthe amathikithi azoqala ku-R150 kuya ku-R350 kanti azotholakala eComputicket.
“Sesiside lesi sikhathi uSfiso engenayo iDVD kanti nabalandeli bakhe abaqhamuka e-Afrika yonkana bebekhala ngayo. Izikhalo zabo zizophenduleka futhi okuhle wukuthi uzobe ecula yedwa kuyona,” kusho yena.
Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye inkampani kaNcwane, iNcwane Communications yahlela umcimbi wokuvala unyaka owacishe wabhuntsha eDCC.
Kulo mcimbi owawubizwa ngokuthi yi Gospel All Stars Year End Celebrations oba njalo ngoDisemba 31 kwafika abantu abangaphezulu kwenani elimumathwa yiDCC.
Lokhu kwaphoqa abanye ukuthi bawudube baphindele emakhaya.
UNkk Ncwane uthe lokhu ngeke kwenzeke njengoba ezokuphepha zizobe ziqinile.
“Into eyaba yinkinga nyakenye wukuthi kukhona abafika namathikithi awumbombayi. Ukubona kanye wukubona kabili njengoba kulokhu ezokuphepha zizobe ziqinile futhi ithikithi lizobe linenombolo yesihlalo umuntu okumele ahlale kusona. Kuzobe kuhlelekile, abantu abakhululeke,” kusho uNkk Ncwane.