MTHOKOZISI MNCUSENI
SINGASE sibonakale okokuqala enkundleni yaseThekwini isilomo se-Orlando Pirates uHappy Jele ohlale cishe isizini yonke engalithinti ibhola ngenxa yokulimala okunyantisayo edolweni ngonyaka odlule bebhekene neBidvest Wits.
Lokhu kushiwo umqeqeshi wePirates u-Augusto Palacios obecacisa ngokumfimfa kwamathuba okuthi kubonakale izinduku ezintsha zaleli qembu koweFreedom Cup abazowugijima naMaZulu ngoJulayi 8, eMoses Mabhida Stadium.
UPalacios uthe, yize bengase baphoxeke abathandi bePirates ngezinduku ezintsha kodwa uJele angase abonakale okokuqala kuleli qembu ngemuva kokululama ngokugcwele benoSfiso Myeni othengwe kuWits elimele ngesizini edlule.
Ngasekuqaleni kwesonto uSihlalo wePirates u-Irvin Khoza wethule abadlali abayisithupha kwabezindaba okungo-Aubrey Ngoma, Manti Moholo, Ayanda Gcaba, Patrick Phungwayo, Khethokwakhe Masuku no-Onyekachi Okonkwo.
UPalacios uthe: “Kusekuningi okufanele bakufunde ngeqembu, ngakho amathuba okuthi ngihambe nabo mancane. Angisho ukuthi ngeke babe khona kodwa konke kuzocaca ngemuva komhlangano esizoba nawo ngempelasonto uma sekubuye nabadlali abebekuBafana Bafana ebesibanike ithuba lokuphumula. Umdlali ongase abonakale lapha uJele ngoba useluleme ngokuphelele, kanjalo noMyeni.”
Isolezwe lihoshe ukuthi iPirates izohlala isonto lonke kuleli dolobha kusukela ngoMsombuluko.
Kuthintwa uMickey Modisane wezokuxhumana ebuzwa ngokuthi kukhona yini abazokwenzela abalandeli babo bakuleli dolobha, uthe ngeke benze lutho.
“Njengoba wazi ukuthi abafana basanda kubuya emaholidini, kusemqoka ukuthi sibanike ithuba elanele lokubuyisa amandla ngaphambi kokuthi sibaveze kubantu. Kuliqiniso ukuthi sizofika eThekwini ngoMsombuluko kodwa asizimisele ngokuthi sihlangane nabantu okwamanje ngoba sifuna ukuthi kuqambe kuvula iligi abafana babe sebesezingeni elifanele,” kusho yena.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services