Steve Haag Gallo Images
UMDLALI wasophondweni wamaSharks,|u-Odwa Ndungane, kulindeleke ukuthi ashaye into ecokeme uma sekuqala imidlalo yeVodacom Super Rugby. ngempelasonto ezayo Isithombe: GALLO IMAGES
BAMINCELE ukuthi babuye eBhayi kungekho mdlali olimele abaqeqeshi bamaSharks abaqoke isikwati sabadlali abangu-24 esizogadulisana kowokungcweka ne-EP Kings eNelson Mandela Bay Stadium ngo-7.30 kusasa ebusuku.
Lo mdlalo umqoka kumaSharks ngoba yiwona azozihlola ngawo okokugcina ngaphambi kokuba abambane ngezihluthu namaBlue Bulls emdlalweni wokuqala wesizini yeVodacom Super Rugby eLoftus Stadium ePitoli ngoFebhuwari-24.
Nakuba umqeqeshi wamaSharks, uJohn Plumtree, ezincinza inqulu ngokuba nabadlali abanele azocaphuna kubona kodwa bayavumelana benephini lakhe, uGrant Bashford, ukuthi abalulekile amava kwiSuper Rugby.
“Sizothola ukuncintisana okungcono kulo mdlalo. Kungakuhle nje ukuthi sibuye kuwona singenabo abadlali abalimele ngoba lokho kungama endleleni yabanye asebesezinhlelweni zokuqokelwa ukuqala umdlalo wamaBulls. Kubalulekile ukuba nabadlali abanamava kwiSuper Rugby,” kusho uBashford.
Lo mdlalo uzobacacisela kahle laba baqeqeshi ukuthi ngobani kulezi ndawo ezinombango okumele bababophele emdlalweni wamBulls.
“Into enhle wukuthi bonke abadlali badlala kahle nangokuzimisela endaweni yabo. Lo mdlalo wokungcweka namaKings uzosinika isithombe ngokuthi sizobe simi kanjani emdlalweni wangempelasonto ezayo,” kusho uBashford enanela uPlumtree osanda kuveza ukuthi uqaqanjelwa yikhanda ngenxa yokubona izinga eliphezulu lefomu yabadlali bakhe.
Emdlalweni wakusasa ukaputeni uKeegan Daniel uzoqala ebhentshini bese ibhande lakhe ligqokwa nguBismarck du Plessis kunombolo 2.
UJP Pietersen uzoqhubeka kunombolo 13 okuyindawo asezakhele ugazi ngayo kuPlumtree nozakwabo kanti uPatrick Lambie uzoqhubeka kunombolo 10.
“Kuhle kakhulu ukuxhumana phakathi kukaTim Whitehead noJP, uLambie,” kusho uPlumtree.
UFrederick Michalak ngeke abe khona kulo mdlalo ngenxa yokudonsa isigwebo
Iqembu lamaSharks:
15 Riaan Viljoen; 14 Odwa Ndungane; 13 JP Pietersen; 12 Tim Whitehead; 11 Lwazi Mvovo; 10 Patrick Lambie; 9 Charl McLeod; 8 Ryan Kankowski; 7 Lubabalo Mthembu; 6 Marcell Coetzee; 5 Anton Bresler; 4 Steven Sykes; 3 Janie du Plessis; 2 Bismarck du Plessis; 1 Dale Chadwick
|
|
Services
Comment Guidelines