Advertisement

Babeka imibono ehlukene ngoNzama

YEHLUKENE imibono emaqenjini aphikisayo kuMasipala weTheku ngekusasa lomphathi wamaphoyisa ongundabamlonyeni kulezi zinsuku uKhomishana Eugene Nzama ongafunwa ngabasebenzi abaphethe kanye nosomatekisi.

I-DA ithi isahleli ezwini eyalishumayela kusukela kusaphethe iMenenja eseyahamba uDkt Mike Sutcliffe ukuthi akaxoshwe uNzama bese kusungulwa uphenyo ngezinkinga ezikhungethe lo mbutho ezinye zazo ezidalulwe ngumbiko wenkohlakalo iManase Report.

INHLOKO yamaphoyisa kaMasipala weTheku u-Eugene Nzama. ISITHOMBE: S'bonelo Ngcobo. Credit: INLSA

IPhini likaSihlalo weKhokhasi kwi-DA eThekwini, uMnuz Zwakele Mncwango, lithi maningi kakhulu amaphoyisa abengamfuni uNzama nangeneme ngaye njengoba emsola nangenkohlakalo.

Lo mholi uthi yize bekuqonda ukuthi uNzama unelungelo njengawo wonke omunye umsebenzi kodwa akaxoshwe ngoba “kuyacaca ukuthi inkinga akuyena uNzama kuphela kodwa nangaphakathi izinto zomapeketwane”.

“Leli hlazo lokuteleka kwamaphoyisa akuyona nje into eyehlisa isithunzi sikaNzama nalo mbutho kodwa wonke uMasipala. Kuyishwa ukuthi sekujwayelekile ukuthi kubonakale amaphoyisa kaMasipala eshiya umsebenzi wawo agcwale iCity Hall ebhikishela umphathi wawo okunogcobho ebuholini bakhe,” kusho uMncwango.

I-IFP ngomlomo kaSihlalo weKhokhasi wayo, uMnuz Mdu Nkosi, ithi akangaqale axoshwe uNzama engakanikwa ithuba lokuthi aziphendulele ngasolwa ngakho.

Uthi kuyacaca ukuthi le nto inenhlese yezepolitiki yingakho bathuka ngesikhathi emiswa emsebenzini baphinde bambona esebuyiselwa ngaphandle kwencazelo eqondile.

“Akanikwe ithuba lokuthi achazele umphakathi ukuthi yini le abayibangayo namaphoyisa akhe. Inkinga ngalo Masipala wukuthi izinto uyazifihla yingakho nosomatekisi bevuka indlobane beteleka okugcina sekuhlukumezeka nomphakathi ongangene kulezi zinto,” usho kanje.

Amakhulu amaphoyisa kaMasipala angaphansi kwenyunyana iSouth African Municipal Workers’ Union (Samwu) avuka indlobane ngoLwesihlanu kwama nse ukuhamba kwezimoto emgwaqeni uDkt Pixley KaSeme (West Street) ngaseCity Hall ebhikishela ukuba kuxoshwe uNzama, kuqashwe ngokugcwele amaphoyisa osekuneminyaka esebenza ngezinkontileka futhi kuphenywe izikhulu zalo mbutho ngenkohlakalo.

Kwaze kwalamula ukufika kweMeya uMnuz James Nxumalo eyacela la maphoyisa ukuba abanike amasonto amabili ukuze babhekane nalezi zinkinga.

Phambilini uNzama wathi kunabantu abafuna ukumsoconga ngoba engafuni ukudansela isiginci sabo uma enza umsebenzi wakhe. Wathi uthola ukusatshiswa ngaso sonke isikhathi.

UNobhala weSamwu KwaZulu-Natal, uMnuz Jaycee Ncanana, unqumele ugwayi katiki wezinsuku ezingu-14 lo mkhandlu ukuba uphendule izimfuno zamaphoyisa kungenjalo bazoyinyomfa ngesiteleka esingasukumi phansi ezinsukwini ezizayo.

SHOW ALL
Advertisement