.
INYANISWENI Primary School elokhu yaba khona igqekezwa mihla namalanga. Isithombe: BONGANI MBATHA
MHLENGI SHANGASE
BABULAWA yindlala abafundi baseNyanisweni Primary kwa-E eMlazi abangenakho ukudla abazokudla kulandela ukuntshontshwa kwakho ngamasela.
Lesi sikole sesiphenduke inkundla yokudlalela izigebengu njengoba kule nyanga sekugqekezwe kathathu, zifike zithathe ukudla, amapuleti okudlela, izinkomishi nokunye.
Okwakamuva okwangoMsombuluko ebusuku lapho lezi zigebengu zibuye khona zazothatha ama-toilet paper ezingawathathanga ngesikhathi zingena ngempelasonto.
Lezi zigebengu zihlusula izinsimbi emawindini, bese zingena ngophahla.
Uthishanhloko, uNkk Nosipho Sithole, uthe zingene ngempelasonto zashaqa amakhompyutha amathathu, eyodwa yayo eyoMnyango wezeMfundo enalo lonke ulwazi lwabafundi.
Uthe lezi zigebengu zishaqe nokudla okuphekelwa abafundi okungama-rice amahlanu, ubhontshisi oyisikhombisa, igalani lamafutha, microwave namaketelo.
“Kusiphethe kabi ukuthi kuthathwe nekhompyutha enayo yonke imininingwane yabafundi. Akukhona okokuqala bewantshontsha njengoba ngoDisemba nyakenye kwathathwa amahlanu esasiwanikelelwe ngumfundisi waseVerulam,” usho kanje.
Uthe into embi kakhulu wukuthi abafundi balambile abadlile njengoba kuthathwe nokudla abaphekelwa khona.
“Omunye umfundi ubekhala ethi ulambile okuyinto ebuhlungu ngoba ukudla bakuntshontshile. Cishe zonke izindawo zokuxhuma ugesi azisebenzi ngenxa yokuthi nawo bake bawuxakazisa,” usho kanje.
Uthe abasazi kumele benze njani manje ngoba basifaka njalo isicelo eMnyangweni sokuthi bahlinzekwe ngonogada kodwa kungenzeki lutho.
Uthe lesi sikole siklweliswe saba nguQuintile 4 okuyizikole ezingcono, sikhokhisa nemali yokufunda kodwa abazali bayehluleka wukukhokha.
“Bake bangena basikhomba sinephini lami basiphuca imali, nomakhalekhukhwini. Asiphephile, siyasaba kodwa ayikho into esingayenza, kumele sisebenze,” usho kanje.
Uthe baze bafundise nje yingenxa yokungenelela kwekhansela elincenge othisha ukuba baqhubeke nokufundisa kuze kube nomhlangano wabazali nomphakathi.
Lo mhlangano uzoba ngesonto kanti uzofaka zonke izinhlaka kubalwa ikhansela, umphakathi, othisha, abazali namaphoyisa ukuze kuliwe nalesi sihlava sokugqekezwa kwesikole.
Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Thulani Zwane, uthe akhona amacala avuliwe abawaphenyayo ngokugqekezwa kwalesi sikole, akukaboshwa muntu.
|
|
Services
Comment Guidelines