Babuyise i-Shelby Cobra kwa-Ford

Comment on this story
no fof . ABAZI IShelby Cobra bazoyithokozela i-GT500 Cobra ngoba inakho konke lokhu okwakutholakala kwi Shelby Cobra yangeminyaka edlule. Ingemuva layo liqoqekile yase igqiza nge chrome namapayipi amabili

IMOTO: GT500 Cobra

BANCANE kakhulu abazokhumbula iShelby Cobra okwabe kuyimoto yomjaho namuhla okuphela iminyaka engu 50 yakhiwa.

Lokhu ngikusho ngoba kwabe kuyimoto yejubane kwazise abantu abaningi bakithi abawulandeli umdlalo wezimoto zejubane imotorsport.

Emizamweni yokubuyisa ishelby Cobra kwa Ford bakhiphe i-GT500 Cobra sports eyi 850-horsepower Supercharged V8.

Le moto noma kungaseyiyo icobra ngqo kodwa indlela ehlanganiswe ngayo kusuka phansi ize iphothulwe ithathe kakhulu kwi Cobra yeminyaka.

IShelby GT500 Cobra ka 2013 iyisikhumbuzo seminyaka edlule yezikhathi ze Cobra ezedlule. Isikhumbuzo sokuzalwa kwe Cobra sizohambisana nezinguquko eziningi ngoba angeke kugcine nje kuphela ngokuthi yakhiwe, kodwa kuzoshintshwa namagama emigwaqo ethize ezindaweni ezakhelene nemboni lapho ihlanganiswa khona eDevelopment Center eDearborn, Mich ibizwe nge Cobra. IShelby yiyo eyahlahla indlela ngokwakhiwa kwezimoto ezinejubane enkampanini yakwa Ford kusukela yethuliwe. Ezinye zalezi zimoto i- GT40 ne Mustang ezaqala ukwakhiwa phakathi nonyaka ka 1960.

no sheld

ICOBRA ENTSHA

Le Cobra entsha yethulwe ngabakwa Ford Motor Company yethulelwa izikhulu eziphezulu zale nkampani lapho bekuhlangene khona izingqalabutho ezimotweni zejubane emcimbini obizwa nge Rolex Monterey Motorsports Reunion.

Kuzofiwa ijubane kule moto ngoba iyi GT500 850 horsepower kanye nenjini engu 4.0-litre Whipple supercharger.

Amasondo angemuva awugqinsi okuyenza ibambelele phansi yase ithi ukuvuleka ezikhaleni njengoba yakhelwe ijubane. Ngemuva inamapayipi amabili okungabuzwa ukuthi naku petrol iyazicaphunela.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.