BONISWA MOHALE
KUGQUGQUZELWA intsha ukuthi ingabulokothi utshwala kusasa njengoba sekujwayelekile ukuthi isebenzise lolu suku ukudakwa.
Ukuze intsha ingaphuzi sekusungulwe umkhankaso obizwa nge-Alcohol Free Youth Day.
Lo mkhankaso uqalwe yintsha ephuma KwaMashu naseGermiston ehlangane eGoli.
Ngokusho kukaSizwe Hlongwane obhekele ezokuxhumana kulo mkhankaso, bawuqale emuva kokubona ukuthi ngoJuni 16 intsha isuke ibhubha wutshwala.
Uthe esikhundleni sotshwala kufanele intsha yenze okuthile ukuguqula isimo senhlalo emiphakathini ehlala kuyo.
“Uma sithi abantu mabangaphuzi sihlenga impilo yabo nekusasa labo. Sifuna bazibuze ukuthi yikuphi okuhle abangakwenza ukuguqula izimpilo zabantu abahlala emiphakathini ebayakhele,” kusho uSizwe.
Ugqugquzele intsha ukuba ingalokhu izibuza ukuthi uhulumeni uzoyenzelani kodwa kunalokho mayize nemikhankaso ezosiza yona iye kuhulumeni isiyazi kahle ukuthi ifunani.
Uthe izingozi ezenzeka ngoJuni 16 zingagwemeka uma intsha ingayeka ukuphuza futhi nokubhebhetheka kwezifo kungama uma intsha ingama ophuzweni oludakayo.
Uyigqugquzele ukuba ihambele imigubho esezindaweni ezahlukene eyenziwe yizinhlangano zabantu abasha.
Kuyaziwa ukuthi uJuni 16 akuselona usuku oluhlonishwayo ngabantu bakuleli ikakhulukazi intsha kwazise ivele igcwale emapaki izinkunkele utshwala.
UJuni 16 wusuku lokukhumbula intsha yango-1976 eyalwela ukuba kungafundwa ngesiBhunu ezikoleni zaseNingizimu Afrika.
Services