INLSA
BAHLOMULE ngama-voucher okulala ubusuku obubili e Tiger Lodge oZanele Hlatshwayo, Jessica Nhleko, Zama Phakathi noZodwa Khoza
NOKUBONGWA PHENYANE
Ebika eJozini
UBUNGAFUNGA ukuthi umncintiswano wokujayiva emcimbini ohlelwa yiSolezwe Intandokazi Women’s Club okade ungoMgqibelo eTiger Lodge eJozini.
Kulo mcimbi, obuphethwe ngobunyoninco yintokazi engusomabhizinisi, uZama Phakathi, wonke umuntu ubethokozile ngendlela obuphethwe ngayo. Imbokodo ike yanikwa ithuba lokuthi izibize kwabonakala ngempela ukuthi kuguga othandayo.
Ubungabuzi ukuthi bajubule labo akade behambele umcimbi njengoba behambe bengawuvali umlomo ngenxa yokuzititilizela izipho.
Izikhulumi nazo zishiye konke ebezikuphethe emgodleni wazo abesifazane bethola konke abangakusebenzisa emakhaya.
Bahlabene ngama-hamper akwa-Tupperware oSlindile Ntsele, Purity Myeni, Innocentia Magwenyana, Zanele Buthelezi, Ncontiwe Magwenyana, Nana Mvubu, Khanyi Masondo, Chantelle Cockcalee, Nelisiwe Numbe noSlindile Hlatshwayo
INLSA
UNkk Vuyi Gama, oyinxusa lakwa-Inecto, unxuse abantu besifazane ukuthi kumele bazi ukuthi ukuzethemba kuqala kumuntu uqobo lwakhe.
Uthe akumele bakukhohlwe ukuthi bangakwazi ukuzimela yize behlala ngabodwa futhi bangalokothi bacabange ukuthi uma umuntu wesilisa engekho impilo isimile.
Nabasebhange Ithala nabo bacobelele abesimame mayelana nokuzibekela imali benze izinto ezibonakalayo ngayo.
UNkk Nomkhosi Khumalo, waseThala, uthe njengamanje sekukhona i-akhawunti ebizwa ngokuthi yiNtandokazi Gold Club ezosiza abantu besifazane abahambela umcimbi weNtandokazi ukuthi bonge kuyo.
“Abantu besifazane kumele bakhuthalele ukuqala amabhizinisi abo. Okubalulekile futhi kumele niyeke ukuthi nidlale izitokofela zokudla, into ehlala ize ibole. Kumele ngabe nibeka imali ukuze nithenge into ebonakalayo ezonisiza kusasa, hhayi ukudla,” kusho uNkk Khumalo.
NabaseMnyangweni wezoBulungiswa nabo bashiye izeluleko eziphaphamise kakhulu abesifazane abazama ukuvikela abantu besilisa.
Bahleke kwaqhilika izihlathi (kwesokunxele) oZanele, Zethu Mthethwa, Ntombi Mathenjwa noNozipho Dube emva kokuhlabana ngama-hamper aseThala
INLSA
Ngokusho kukaNksz Mbali Mncamdi abantu besifazane abayeke ukuvikela abantu besilisa abahlukumeza izingane ngoba lokho kuyicala elibomvu.
UNkk Slindile Khanyile, onguMhleli wamaphephandaba angempelasonto, ubonge kakhulu abaxhasi balo mcimbi wathi ukube abekho Isolezwe belingeke likwazi ukuwenza lodwa lo mcimbi.
wonke umuntu ukhumbula umculi osewadlula emhlabeni, uBusi Mhlongo, ngesikhathi umculi wejazz, uMelody, esecula izingoma zakhe ebezihambisana nalo mcimbi ezifana nethi Mama.
Abaxhasi balo mcimbi wuMnyango wezoBulungiswa KwaZulu-Natal, Ithala, Hallmark, Spekko Rice nabakwa-Inecto.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services