Advertisement
X

Bachukuluzene ngaphandle enkantolo

BONISWA MOHALE

KUSUKE umsindo phakathi kwamalungu e-NFP nawe-IFP ngaphandle kwenkantolo yeMantshi yaseMlazi izolo ngesikhathi kuvela abasolwa ngokubulala ilungu le-NFP, uMnuz Mthunzi Gwala, ehostela laseSeventini kuleli lokishi.

Kube nokujikijelana ngamazwi kwagcina sekushayisene nezinye zezimoto abebeshaya ngazo izidudla kuklolodelana amalungu alezi zinhlangano.

Isimo sishube kakhulu ngesikhathi izinhlangothi zozimbili zicula amaculo anokuchukuluzana nahlambalaza abaholi balezi zinhlangano zozimbili.

Izimoto ebezize enkantolo zike zavimbezeleka ngoba amalungu e-NFP nawe-IFP abesemi izixongololo kushaywa ingoma ungafunga ukuthi kunengqungquthela.

Izolo ummeli wabamangalelwa, uMnuz Muzi Ntuli noXolani Ntuli, abalamanayo, uMnuz Lawrence de Klerk, ubekhona enkantolo. Utshele inkantolo ukuthi laba basolwa bayasukelwa ababulalanga muntu.

Ucele ukuba kuhlehliswe icala ukuze akwazi ukufaka isicelo sebheyili. IMantshi, uMnuz Avesh Sukdoe, ube eselihlehlisela u-Agasti 31 icala ukuze inkantolo ilalele isicelo sebheyili.

Inkantolo ibigcwele phama abalandeli bamaqembu womabili befake izikibha zawo ngokwehlukana abanye bembethe amabhayi anobuso babaholi.

Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo uMnuz Sibongakonke Mhlongo, okhulumela intsha ye-NFP, uthe kufanele uMnuz Mkhuleko Hlengwa we-IFP aphendule njengoba sekuvela abasolwa enkantolo.

“UMkhuleko wathi asizinuke amakhwapha nakhu manje sekuboshwe amalungu e-IFP. Sihlale sisho ukuthi yibona abaqeda amalungu ethu eSeventini. Kufanele axolise uMkhuleko ngokuthi sibulalana sodwa ngoba manje sekuyacaca ukuthi sibulawa yi-IFP,” kusho uMhlongo.

Amalungu e-IFP awathandanga ukukhuluma nezintatheli, amanye akade ephethe Isolezwe atshele izintatheli ukuba zisuke phambi kwawo ngoba sezikhethe uhlangothi.

SHOW ALL
Advertisement