Bacikwa ‘yizinyanga’ ezicwiya abantu

Comment on this story
NO IZANGOMA2 . ABAFANA Bemvelo iqembu lengoma liyibhikla ngesikhathi kuhlangene abelaphi bendabuko eSilver Glen eChatsworth izolo. Izithombe: BONGANI MBATHA

LUNGI LANGA

ABELAPHI bendabuko bathi ziyabakhathaza izigameko zokwanda kwabantu abayizinyanga mbumbulu abatholakala nezicubu zabantu ngoba badicilela phansi umkhakha wabelaphi bendabuko.

Lokhu kuvezwe ngumholi wabelaphi bendabuko eThekwini, uMnuz Thandabani Hlongwane, ngesikhathi ekhuluma emcimbini obuseChatsworth, eSilver Glen Game Reserve obuhlelwe nguMasipala weTheku.

UHlongwane uthe enye yezingqinamba ababhekene nazo wumthetho owengamele abelaphi bendabuko ongakaphasiswa namanje. Uthe bekumele engabe uyaboshwa umuntu ozenza umelaphi ebe engeyena kodwa ngoba lo mthetho awukho akulula ukubabopha. Ubuye waveza ukuthi bazimisele ngokusebenzisana nemitholampilo ekulashweni kwezifo ezifana nesofuba nengculazi.

Uthe abelaphi baneqhaza elikhulu abangalibamba ekutheni kuliwe nalezi zifo.

“Ngokwethu kuningi okungenziwa ngabelaphi ukulwa nokwanda kwalezi zifo ngokuthi sithumele abantu abagulayo eminyangweni efanele uma sibona ukuthi umuntu unezimpawu zazo ukuze zikwazi ukumbhalela incwadi yokuya emtholampilo,” kusho uHlongwane.

NO IZANGOMA1 UDKT Thando Ngomane .

Lo mcimbi wabelaphi bendabuko nokuyilapho bedingida khona izindaba ezithinta umkhakha wabo uvame ukuba ngoSepthemba minyaka yonke.

UDkt Thando Ngomane, iphini lomphathi wezinhlelo zezempilo kumasipala weTheku, uthe ukusebenzisana kwabo nabelaphi bendabuko kuthela izithelo ezinhle.

“Abantu sebeyazi ngokubaluleka kokusebenzisa insingo entsha uma umuntu egcaba ukuze kugwemeke igciwane lengculazi. Lona ngomunye wemiyalezo esiyikhiphe ngokufundisa abelaphi bendabuko. Kuyimanje babambe iqhaza elikhulu ekufundiseni abantu ngoba bazi ngisho izimpawu zezifo ezifana nesofuba. Ngalokho bayakwazi ukudlulisela abantu abasuke bedinga usizo lwasemtholampilo,” kusho uDkt Ngomane.

Uthe abafuna ukukubona wukusebenzisana kahle phakathi kwabo nabelaphi bendabuko.

“Sisebenzisana kahle uma sihloniphana, nobani azi ukuthi umsebenzi wakhe uhamba ufike kuphi. Nathi kukhona izinto ezidinga bona esingeke sikwazi ukuzenza nabo kukhona lapho okusuke kudingeka ukuthi kusebenze amaphilisi,” kuqhuba uDkt Ngomane.

UMnuz Vusi Nzuza, wohlaka olungamele ukweseka ukusebenza kwabelaphi bendabuko eMnyangweni wezeMpilo kuMasipala weTheku, uthe bafisa ukuthi ngelinye ilanga kufinyelelwe ekutheni abelaphi bendabuko basebenze ngokubambisana nabasebenzi bezempilo emitholampilo nasezibhedlela.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.