Advertisement

Bacikwe okushiwo ngabo abacula okamaskandi

NOKUBONGWA PHENYANE

BASOLA inzondo ngomculo kamaskandi abaculi ngemuva kokuvinjwa komhleli womcimbi ukusebenzisa ihholo ngoba kuthiwa kufa abantu uma kunamakhonsathi kama-skandi nesicathamiya.

ABACULI bakamaskandi bathi abaphathi behholo okuchithwe kulo umcimbi kamaskandi eGoli bakhombisa inzondo. UBoneni Magubane noThokozani Langa bathe kukhona okungale kwenzondo ekhonjwe ilaba baqaphi bale ndawo. Credit: INLSA

Laba baculi bayaveva ngemuva kwemibiko yokuthi uNelly Dladla weqembu lombhaqanga iZamambo uvinjwe ukuthi asebenzise ihholo eliseSoweto, eGoli, obekuzoba kulona ikhonsathi kamaskandi nesicathamiya.

UNelly obehlela lo mcimbi uzwakalise intukuthelo yakhe ephephandabeni lesiNgisi izolo ngesenzo somphathi wehholo laseMzimhlophe onqabe ukubanika le ndawo ngoba ethi anodlame la maciko.

UNelly ongatha-ndanga ukukhuluma neSolezwe ngalolu daba njengoba ethi usegxekwe kakhulu, ucashunwe ethi uhambile eyobikela abaphathi behholo ngalo mcimbi bamchitha.

UMnuz Amos Khumalo okuthiwa nguye obhekelele leli hholo ukubeke kwacaca ukuthi akabafuni laba baculi.

“Ngabe kungcono ukuba ngabaculi bezinye izinhlanga manje amaZulu anodlame futhi uma umcimbi ethe uzophela ngo-6 uze uphele ngo-10,” kusho uKhumalo kuleli phephandaba.

Umculi kamaskandi uThokozani Langa uthe, laba bantu bacasha ngesithupha kukhona abakufihlayo ngalokhu.

“Bakhombisa inzondo enkulu ngabakwenzile. Kukhona nje abaphezu kwakho,” kusho uLanga.

UBoneni Magubane ocula okamaskandi uthe lokhu kubukela abantu abangamaZulu phansi.

“Ngabalandeli abajwayele ukulwa ngoba bathatha izinto mawala, thina baculi bakamaskandi asikaze silwe,” kusho uBoneni.

SHOW ALL
Advertisement