Bacikwe yisinqumo ‘kwelomdlwenguli’

Comment on this story
NO RAPE2 BONGANI MBATHA UMPHAKATHI waseMlazi ufuna ukumgandaya ngamatshe umbulale owesilisa obebhekene necala lokuzama ukudlwengula nokushaya ngenhloso yokulimaza odedelwe mahhala izolo yinkantolo yemantshi yaseChatsworth. Izithombe: BONGANI MBATHA

BONISWA MOHALE

UBUTHUKUTHELE uveva umphakathi wakwa-F, eMlazi, ngesikhathi utshelwa ukuthi inkantolo yeMantshi yaseChatsworth imdedele ngebheyili yamahhala owesilisa obebhekene necala lokuzama ukudlwengula nelokushaya ngenhloso yokulimaza.

Izolo amalungu ekomidi lomphakathi abebhikisha ngaphandle kwenkantolo enengwa yilesinqumo.

Umphakathi ubuhamba nomphenyi wecala naye obelindele ukuthi umsolwa uzovela namhlanje enkantolo kodwa kwathi uma sekumele avele kwathiwa udedelwe.

Esitatimendeni esithunyelwe wuphiko lwezokuxhumana emaphoyiseni aKwaZulu-Natal, kuthiwa umsolwa unikezwe ibheyili yamahhala wase ededelwa enkantolo kanti ngeminye imininingwane kunxuswa izintatheli ukuba zithintane nophiko lwezokushushiswa komphakathi.

UNksz Natasha Ramkisson wezokushushiswa komphakathi uthe uzokwazi ukuluphenya kahle lolu daba namhlanje.

NO RAPE1~3 ISANDLA sikaBhekisisa Mbhele esinenxeba olithola evikela owesifazane ngesikhathi ezodlwengulwa ngumsolwa odedelwe mahhala izolo. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA BONGANI MBATHA

UMnuz Bhekisisa Mbhele owalamulela ummangali ngesikhathi umsolwa ezama ukumdlwengula uthe kuyaxaka ukuthi umthetho waseNingizimu Afrika usebenza kanjani.

“Umuntu sambamba oqotsheni ukuze angadluleli kwabanye manje sitshelwa ukuthi udedelwe mahhala. Asazi ukuthi kungani bengamtshelanga ummangali nomphenyi wecala,” kusho uMbhele.

Uthe umsolwa wayebambe ummangalelwa emkhombe ngommese emfake ehlathini, kwathi uma sekufika yena wazama ukumgwaza yingakho ebesebhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Ummangali uthe uzizwa engasaphephile ngoba umsolwa ungaphandle.

“Wangibamba ngisendleleni ngiya emsebenzini ngoba nginqamula ehlathini. Ngisebenza eChatsworth ngakho uma ngisuka kwa-G ngihamba ngezinyawo. Sengiyasaba manje ngoba angazi noma uzoqhubeka lapho ayegcine khona yini,” kusho ummangali.

Akuqali ukuthi kudedelwe umuntu obhekene necala lokudlwengula kwazise kuleli sonto kudedelwe i ndoda ebisolwa ngokudlwengula intombazane ekhubazekile.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.